Kushone owesifazane Okhulelwe,Kwasala abangu-300 dengwane ngemuva kokusha kwemizi yaseThekwini

Owami Thabethe

UMasipala weTheku ususebenzise izinyathelo eziphuthumayo zosizo lwesikhashana ukusiza abahlali baseMijondolo yaseKenville. Lokhu kuza ngemuva kokuthi umlilo, owadlula nomphefumulo kamama okhulelwe, kwasala abantu abangaphezu kuka-300 abasala dengwane emuva kokuthi
umlilo ucekele phansi imizi engaphezu kuka-100 emijondolo.Lomlilo
uqubuke ngezikhathi zasekuseni ngeSonto, 14 July 2024.


UMasipala weTheku uthe umlilo uqubuke ngo-12.30 ekuseni. “Kumanje iDolobha lixhumanisa imizamo yesikhashana yokusiza abahlali abangenamakhaya.”Ngokusho kukamasipala, uphiko lweCity’s Fire and Emergency Services luphendule ngokushesha ngesikhathi kuqubuka umlilo.
“Idolobha lithe ithimba labacimimlilo abangu-30 bathunyelwe endaweni yesigameko nezinjini zokucima umlilo eziyisishiyagalombili,” wengeza ngokuthi izicishamlilo zisebenze ngokuzikhandla kwaze kwaba yilapho umlilo ucisha ngempumelelo. Umkhuzi wophiko lwezomlilo esifundeni esisenyakatho yeTheku, uBruce de Gier, uthe umlilo ubumubi kakhulu futhi isimo besisibi.
IPhini leMeya yeTheku uKhansela Zandile Myeni uthe iDolobha lithole ukwesekwa ezinhlakeni ezehlukene, okuhlanganisa nohulumeni wesifundazwe nokazwelonke, ukuze kuhlinzekwe abahlali abangenamakhaya.


“Amayunithi kamasipala, ababambiqhaza, izikhungo zikahulumeni nezinhlangano ezingenzi nzuzo basabalalisa amaphasela emindeni ahlanganisa ukudla, izingubo zokulala nomatilasi,” kusho iPhini leMeya uMyeni.


Njengengxenye yokungenelela kweDolobha, kuhlinzekwe nendawo yokukhosela yesikhashana.
“Sesakhe izindawo zokukhosela zesikhashana ukuze sisize imindeni engenamakhaya. Kusasa iminyango eyahlukene kaMasipala, ababambiqhaza kanye neMeya yeTheku esanda kuqokwa uKhansela Cyril Xaba bazovakashela umphakathi othintekayo ukuze bahlole isimo bese bebheka nezinyathelo ezidingekayo zokulekelela,” kusho iPhini leMeya uMyeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *