OwezaManzi uyaqhubeka nohlelo lokuhlanganisa iBhodi yoMngeni neye Mhlathuze Water
UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu, uthe uMnyango uyaqhubeka nohlelo lokuhlanganisa iBhodi lase Mngeni Water kanye noMhlathuze Water ukuze kusheshiswe ukuhlinzekwa kwamanzi ngobuningi KwaZulu-Natal.

