OWAMI THABETHE
Emizameni yokuvuselela umnotho wasemalokishini, uMasipala weTheku uvuselela imibukiso yezamaBhizinisi yeSifunda eThekwini (DBF). I-DBF ibongelwe ngeqhaza layo elibalulekile lokukhombisa imikhiqizo yamabhizinisi endaweni, ukuhlomisa osomabhizinisi ngamakhono, kanye nokuthola amathuba okuxhumana.
Ukubhaliswa kwababukisi be-DBF yesiFunda esiseNingizimu sekuvuliwe, okuzoba kusukela ngomhlaka-25 kuya kumhlaka-27 ku Okthoba KwaMnyandu Shopping Centre.
Ukuze ubhukhe ukukhangisa kulo mbukiso webhizinisi, bhalisa ngaphambi komnqamulajuqu wangomhla zingama-30 Septhemba 2024 njengoba isikhala silingene inani elithize.
Ukuze uthole amafomu okubhalisa, chofoza isixhumanisi esilandelayo: https://bit.ly/SouthForm noma i-imeyili admin@lomes.co.za ucela ifomu. Kungenjalo, amafomu okubhalisa angalandwa edeskini lezokuphepha e-Embassy Building, 199 Anton Lembede Street. Angadawuniloda nakusizindalwazi sikaMasipala weTheku: www.durban.gov.za Hambisa phezu kwethebhu kahulumeni bese wehlela phansi kwesithi Durban Business Fair.
USihlalo weKomidi leDolobha lezokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela, uKhansela Thembo Ntuli uthe amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo (ama-SMME) ayizinsika zomnotho weDolobha futhi adala amathuba emisebenzi.
“Ukuvula ukukhula komnotho wasemakhaya nasemalokishini kusalokhu kuyingxenye ebalulekile yesu lethu lokukhuthaza ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu nokudala amathuba emisebenzi. Ngakho-ke kuyasebenza ukwakha nokudidiyela izinhlelo ezithuthukisa amabhizinisi kanye nokukhula kwamabhizinisi amancane ukuze kukhushulwe ukuvuselelwa komnotho wasemakhaya nasemalokishini,” kuchaza uKhansela Ntuli.
Wengeze ngokuthi ukuvuselela i-DBF yesiFunda kuhambisana nokukhula komnotho kanye nentuthuko yeDolobha. Lokhu kwenza ukuthi kuthuthukiswe futhi kufakwe amabhizinisi asemakhaya nasemalokishini.
Lolu hlelo luzobandakanya imibukiso, izingqungquthela , imibukiso yemfashini, intuthuko yezokupheka, amakilasi obuciko, kanye nezinhlelo zokuthuthukisa amakhono.


