Kubanjwe abokufika abangenazo izimvume  zokuba kuleli ngesikhathi kuqhutshwa umkhanksao we-operation buyisa eWentworth na-Semerebank

SHEILA MHLOMGO

Ukuqinisekisa ukuphepha nokulandela imithetho, uMasipala waseThekwini ngokubambisana naboMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), uqhube ngempumelelo umkhankaso i-Operation Buyisa ezindaweni zaseWentworth naseMerebank ngoLwesihlanu, mhla ziyi-17 ku-Ephreli 2026.

Lo mkhankaso ugxile ekuqedeni imisebenzi engekho emthethweni, ukwephulwa kwemithetho yezemvelo, kanye ne zokuphepha komphakathi, kuqiniswa ukuzibophezela kukaMasipala ekugcineni umthetho nokuvikela inhlalakahle yomphakathi.

Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, iziphathimandla zithole abantu bakwamanye amazwe abangu-18 abangenazo Izimvumo zokuba kuleli, abasebenza efekthri yezicathulo eWentworth. Abanye abayisikhombisa baphinde baboshwa uMnyango Wezasekhaya ukuze kuqinisekiswe imininingwane yabo futhi kuqhutshekwe nenqubo efanele. Umnikazi wale fekthri ubekwe icala ngaphansi kweSigaba 49, Isigatshana 3 soMthetho Wezokufuduka (Immigration Act), kwathi indawo yavalwa ngokushesha.

Ikhansela uTariq Mohamed ubonge wonke amaqembu abambe iqhaza kulo mkhankaso wagcizelela ukubaluleka kokuqhubeka nokwenziwa kwemikhankaso efana nalena. “Lolu hlelo luqinisa imithetho yoMasipala, lulwa nenkohlakalo, luchitha izinhlangano ezidayisa izidakamizwa, lukhuthaza ukuhlanzeka, futhi luqinisekisa indawo ephephile nenokuthula,” kusho uMohamed.

Lo mkhankaso ubuwubambiswano lwezinhlaka eziningi, okuhlanganisa:

• Inkonzo Yamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS – Wentworth SAPS, Public Order Police)
• Amaphoyisa kaMasipala waseThekwini (Durban Metro Police)
• UMnyango Wezokulawulwa Kwezinhlekelele kaMasipala
• UMnyango Wezokucima Umlilo
• UMnyango Wezasekhaya (Immigration)
• Ezempilo Nezemvelo
• Ibhodi Lotshwala KwaZulu-Natal
• Ukuphathwa Kodoti (Waste Management)
• Amapaki Nezokungcebeleka
• Ukugunyazwa Kwamabhizinisi (Business Licensing)
• Ezokuphepha Komphakathi Nokuxhumana KwaZulu-Natal

UMohamed uphinde wancoma i-Supply Side Area Based Operations (SSABO), edlale indima enkulu ekuhlanganiseni ulwazi lwasekhaya, ukuvuselela izinhlaka zomphakathi, nokuqinisekisa ukusebenza kahle komkhankaso. Ukubamba kwabo iqhaza kuqinise ukubambisana phakathi kweminyango, kwenze kube lula ukwenziwa kwemisebenzi yokuphoqelela umthetho, futhi kwanikeza ukwesekwa okubalulekile endaweni, okube nomthelela empumelelweni yalo mkhankaso.

Ngokuhlanganisa izinsiza zoMasipala nemisebenzi yamaphoyisa, i-SSABO iqinisekise ukuthi lo mkhankaso awugcini nje ngokusebenza kahle kodwa futhi uyaqhubeka isikhathi eside, kwakhiwa isisekelo sezinhlelo eziqhubekayo zokuphepha komphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *