THOBILE MBATHA
Isifundazwe sakwaZulu Natali sikhumbule iSilo saMabandla uMndlokombane uBhejane Phumesiqiwini iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu njengoba wakhothama mhlaka 12 Mashi 2021 lapho iSizwe samaZulu sashonelwa ilanga emini kukhothama Ongangezwelakhe.
INkosi uMangosuthu Buthelezi ekhuluma esiteshini somphakathi uKhozi FM umchaze njengomuntu owayelungile kakhulu, enothando, ethanda nokudlula emthandazweni ngaphambi kokuthi akhulume nabantu. Waba iNkosi yokuqala esizweni samaZulu owabusa iminyaka elinganiselwa ku-55, ubengumuntu okhuthaza abantu ukuthi balime ukuze kuliwe nendlala kanye nokufuya ekhaya ubekuqhakambisa kakhulu uMndlokombane. Kuchaza iNkosi Buthelezi.
“Ukuphila yinto aze wakhothama eyikhuluma ukuthi isizwe masilwe nendlala kanti futhi iqiniso ubelikhuluma akakaze abe yiSilo esinenkinga ngisho esakhula wayenenhlonipho enkulu emphakathini waze wakhothama engakaze ashitshe”. ephetha.

