Isizoba lula impilo kubantu baseNingizimu Afrika uma befuna ukufaka izicelo zokuthola omazisi noma ama ID, njengoba ebalelwa ku 27 amagatsha amabhange azonikeza lolusizo.Lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uDktl. Aaron Motsoaledi ememezele ukuthi bahlose ukuvula amahhovisi alomnyango kumagatsha amabhange angu 43.
Amabhange okuyiwo ahamba phambili kuloluhlelo lokusebenzisana noMnyango wezaseKhaya kubalwa izikhondlakhondla okuyi First National Bank kanye, Standard Bank, Nedbank, ABSA Bank, Investec kanye ne Discovery kanti futhi lamabhange amagatsha awo akhona yonke indawo lapho kunamahhovisi omnyango.
Ngaphezu kwamabhange azohlinzeka usizo lokufaka izicelo zama ID uMnyango wezaseKhaya uphinde waveza ukuthi uzophinde uvule amanye amahhovisi enzinxanxatheleni zezitolo (Malls) lapho abathengi bezokwazi ukuvakashela ihhovisi lomnyango.Izinxanxathela zezitolo okuzotholakala kuzo amapasi kubalwa iPavillion, eThekwini,Menlyn Mall ePitoli, Tygervalley eCape Town, Kathu Mall in the Northern Cape.
Nakuba amabhange ezwakalise ukuba nongabazane ngalesivumelwane sokusebenzisana noMnyango wezaseKhaya esisahlolwa ukuthi singakwazi yini ukusebenza kahle ngaphandle kwezihibe, ngenxa yobuhixihixi obuphathelene nezinto zeTechnology nokho azwakalise ukuthi azosiqhuba kuze kube inyanga ka Septhemba.

