IMeya yeTheku yethule ogandaganda abasha kanye namathuluzi okuhlanza idolobha

SHEILA MHLONGO

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda  yethule ogandaganda abasha kanye namathuluzi okuhlanza idolobha. Lezizinsiza ezihlaganisa nogandaganda abasha ceke  zethulwe noLwesihlanu lomhlaka 1 Septhemba,2023 eWiggings Sports Ground, eCato Manor eThekwini.

Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi ukwethulwa kwalezizinsiza kungenye yezindlela uMasipala weTheku ozibophezela ngayo ukugcina idolobha lihlanzekile nokwenza ngcono ukusikwa kotshani.

Kulomcimbi iMeya uKaunda yethule ogandaganda abasha ababalelwa ku 30 abazosetshenziselwa ukusika utshani ezindaweni zikaMasipala, waphinde wethula uhlelo lokusikwa kotshani oluhamba amasonto amahlanu kusukela ngalo ilanga lomcimbi kuze kuphothulwe ngomhlaka 6 Septhemba.Loluhlelo loqhubeka kuze kube inyanga kaMeyi 2024.

IMeya uKaunda iphinde yabonga abasebenzi ngokusebenza ngokuzimisela besika utshani, ngisho nasezikhathini ezinzima. “Siyayibonga kakhulu imizamo yeni yokuqinisekisa ukuthi idolobha lihlale lihlanzekile”. Kusho uKaunda.

Eqhuba uKaunda uthe ukwethulwa kwalabogandaganda kumunikeza isiqiniseko sokuthi kuzoletha isisombululo ezinkingeni ezikhungethe ukusikwa kotshani,ube esekhuthaza ukusebenza ngokubambisana phakathi kweminyango yangaphakathi kuMasipala.

“Izindawo ikakhulukazi ezisemalokishini nasemakhaya osekwalahlwa kuzo imfucuza kumele ziphendulwe zibe indawo yokuheha abavakashi njengengxenye yohlelo lokuhlobiswa kwedolobha”.Esho.

.

Emva kokwethulwa kwezinsiza kube sekulandela ukubungazwa kwe Arbour week kanye ne Heritage month lapho abasebenzi bebetshala izihlahla.IMeya iphethe ngokuthi uMasipala uzibophezele ekugcineni imvelo ihlanzekile.

.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *