Owesifazane wase UKZN ukhushulelwe kwesokuba uSolwazi emkhakheni weTOWN AND REGIONAL PLANNING

USolwazi (Professor)emkhakheni we Town and Regional Planning, lona uSolwazi u Magidimisha-Chipungu

SHEILA MHLONGO

I-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ihlabane ngokuba nowesifazane omnyama wokuqala ukuzuza ukukhushulelwa esikhundleni sokuba uSolwazi (Professor)emkhakheni we Town and Regional Planning, lona uSolwazi u Magidimisha-Chipungu

Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi uMagidimisha-Chipungu, ongowesifazane nesifundiswa esifunde sagogoda emkhakheni wezokuhlelwa kwamadolobha, kanti ungumsunguli aphinde abe uMhleli oMkhulu  (Chief Editor) ye Journal of Inclusive Cities and Built Environments.

USolwazi uMagidimisha-Chipungu  ungumuntu onogqozi nomdlandla wokuhlela izindawo zasemadolobheni ezikwazi ukuhlalisa abantu ngendlela ehlelekile ekwazi ukubhekela izidingo zabahlali ngokwehlukana kwabo.

“ Nginombono wokuthi kumele kudaleke ushintsho okuyilo oluzosiza bonke abantu. Ngingumuntu okholelwayo ukuthi singaphumelela ukwenza izinto ezinkulu ngokusebenza kanzima kanye nokuzimisela ukuze kube khona ushintsho olubonakalayo emadolobheni ethu”. Kusho yena.

USolwazi uMagidimisha-Chipungu usekwaze ukuzuza izinto ezibalulekile kakhulu ezifana nokuthi aqokelwe esikhundleni sokuba uSihlalo we SARChI kwi-Inclusive cities, alternate , uSihlalo we South African Council for Planners kanye nelunga le eThekwini planning commission. Kanti waba owesifazane omnyama wokuqala  eNingizimua Afrika ukuzuza iziqu zePhD in Town and Regional Planning azithola e UKZN.

Useke wabhala izincwadi eziningi kanye nama journal ngokubambisana nabanye , incwadi yakhe asanda kuyikhipha ithi ‘The Anatomy of Inclusive Cities in Southern Africa’. 

Usanda kuthola ukuhalaliselwa uDean and Head of the School of Built Environment and Development Studies wakhona eUKZN, uSolwazi (Professor) Ernest Khalema.

“ Lokhu kukhushulelwa esikhundleni sokuba uSolwazi ngokugcwele kungubufakazi bokuzibophezela  kwe-UKZN  ukwenza ngcono ezokuphatha, futhi siyaziqhenya ngempumelelo ka Magidimisha-Chipungu, ikakhulu ngokuqopha umlando wokuba owesifazane omnyama  wokuqala ukwenyuselwa esikhundleni sokuba uSolwazi emkhakheni we Town and Regional Planning”. Kubeka uSolwazi uKhalema.

USolwazi Magidimisha-Chipungu ubonge umdeni wakhe, iUKZN, asebenza nabo, izitshudeni kanye nabangani ngokumeseka ohambweni lwakhe lwezemfundo, wathi usekulungele ukubhekana nendlela eya phambili emsebenziuni wakhe. Ube esezibophezela ukuthi uzosebenza ngokuzimisela ekuqeqesheni nasekudluliseni ulwazi  kwabenza izifundo zomkhakhakha wokuba abahleli bamadolobha kuze kube bafinyelela ekubeni nabo bakhuphukele ekubeni oSolwazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *