UMTHOKOZISI MAKHANYA WELULEKA AMACIKO UKUTHI AFUNDE KABANZI NGENDIMA YEZOMCULO

UMthokozisi Makhanya waseMlazi esigcemeni sakwa-H, ongumeluleki wamaCiko asafufusa uthi uhlezi ebona izinto eziningi ezingezinhle endimeni yezomculo ngenxa yokuthi amaCiko awazinikezi ithuba elanele lokufunda ngendima akuyona, ukuthi izinto zisebenza kanjani kodwa mane ajahe impumelelo esheshayo.

Njalo sihlezi sizwa izindaba ezinkudleni zoxhumana zokuthi amaCiko akhala ngokuntshontshelwa umsebenzi wawo  sibuye sizwe amaciko ekhala ngezingampani angaphansi kwazo ngowacindezela, Lokhu okuba buhlungu uma sibona esekhala kangaka.

UMthokozisi uthi lezizinkinga amaCiko ahlangabezana nazo endimeni yezomculo yizona kanye ezenza ukuthi afise ukwedlulisa iseluleko sakhe kuwo ukuze ahlale eqwashile.

“Kubalulekile ukuthi abaculi abasafufusa bafunde kabanzi ngale ndima futhi akhona nama music workshops ukuthi abaculi bathole ulwazi ngoba  into ebuhlungu abaculi  abazihluphi ngohambela ama workshops ajwayele ukuba khona lapha eThekwini Imbizo Music Conference, kanti zikhona nezihlangano zomculo ezisiza amaciko ezifana no SAMRO,SAMPRA,CAPPASO

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *