UBhekani Mthembu odume ngelika Dankie, ungumsakazi weIntokozo FM kanti wenza uhlelo olubizwa nge After Hours Jam kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesine kusihlwa kusukela ngehora lesikhombisa (19:00 – 21:00)
Exoxisana nephephandaba iKZN Namuhla uBhekani uthe ngonyaka ophelile wahlabana ngeNdondo ye Best Radio Presenter kuma Live Your Dreams Awards (LYD Awards 2022, waphinde phinde waqokwa nakulonyaka ka 2023. “ngifisa ukudlulisa isicelo kubafundi beKZN Namuhla newspaper nasebantwini abangivotela ngonyaka ophelile last ukuthi baphinde bangivotele nakulonyak”. Kusho yena.
Kulonyaka kuzoqalwa ukuvotwa kusukela ngoLwesine lomhlaka 01 Septhemba kuze kube umhlaka 19 Novemba 2023.
“Angigcini ngokusakaza kwiRadio kuphela kodwa ngibuye ngibe umethuli wezinhlelo kwi Online TV ebizwa nge BMk Uju Production lapho sivakashela imicimbi ehlukahlukene, ngifike ngi Interview abanikazi bomcimbi, amaciko, izithameli zomcimbi. Litholakala ku Youtube, Facebook & Tiktok search BMk Uju Production. lapha ngisebenza neMbongi ewuMsakazi we Intokozo fm phinde ivele kwi Imbewu nakuZalo njengoba ewuProjusa kuyo le Production ngifunda lukhulu kulensizwa uMthabiseni “Sdadada soju” Masuku”. Kuqhuba uBhekani.
UBhekani uthi kumanje uhlela umcimbi ngokubambisana ne Ngoza Entertainment, ozokuba mhlaka 30 Septhemba 2023 ngo 10:00 ekusen kuze kube 17:00 ntambama, ngenhloso yokuvundulula amakhono nokuqwashisa intsha yangakithi kwaShali, nokugqugquzela ukuziphatha okuhle kwentsha yakulendawo.
Ngemibuzo ungangithinta 082 047 6520 calls & WhatsApp.

