Kamuva nje izinhlangano zomphakathi waseNingizimu Afrika zibhekene nengwadla: Ngenxa yokumiswa koxhaso oluvela eUnited State. Lolushintsho ludalwe ipolitiki yamazwe eshintshe imigomo ebalulekile yase US, kanye noguquko lokubuyekezwa kwesabelo soxhaso lwezimali, lokhu sekudale ukuthi izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni zizithole zibhekene nekusasa elifiphele. Umphumela wokunqanyulwa koxhaso mali kujulile kodwa futhi kuveza ithuba lokuthi lezinhlangano ziqhamuke nendlela entsha engakwazi ukuzisebenzela ukuze zisimame.
Ukuqonda umsuka wembangela.
Ukumiswa koxhaso mali I-US kubangelwe izimo ezahlukene ezihlanganisa ukugudluka emgomeni yamazwe kanye nokwenyuka kwezidingo ezimqoka ngaphakathi kwipolitiki yase- US, lokhu okungenye yezimbangela ezidale ukwehliswa koxhaso mali lwamazwe ukuzwe izimali zifakwe kuzidingo ezibalulekile zangaphakathi. Okunye okwenzekayo ukuthi uhulumeni wase US uletha ungabazane mayelana noxhaso oluya kumazwe angaphandle ikakhulukazi kumazwe asolwa ngokukhombisa izinkinga zokuphatha izimali kanye nenkohlakalo.
Lokhu sekudale ukuthi izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGO’S) eNingizimu Afrika ebezijwayele ukwethembela kuxhazo mali sezizithola zisenkingeni. Ngenxa yokumiswa koxhaso mali obeluwusizo olukhulu ekuqhutshweni kwemisebenzi ebalulekile, efana neyezempilo, ezemfundo, ezobulungiswa emphakathini, asebhekene nenkinga yokwehliswa kwesabelo mali, kanye nokumiswa kwezisebenzi. Kwesinye isikhathi aba sengcupheni yokuvalwa. Ukumiswa koxhaso mali sekuphenduke umkhuba okhinyabeza izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, lapho izinkinga zobudlelwane bamazwe kuzibeka engcupheni yokuthi zigcine zivalwa.
Imiphumela yokumiswa koXhaso mali
Umphumela wokumiswa koxhaso mali kwenza umehluko omkhulu. Izinhlangano eziningi ezingekho ngaphansi kukuhulumeni eNingizimu Afrika asezijwayele ukuncika kuxhaso mali oluvela e-US. Lezinhlangano zisiza kakhulu imiphakathi enhlwempu, ezilwela amalungelo abantu, ezisiza ngezidingo zomphakathi kanye nokusimama kwezemvelo. Ngokunqanyulwa koxhaso abantu abaningi abahluphekayo bazobhekana nenkinga yokungatholi usizo abalunikwa ama-NGO.
Ngaphezu kwalokhu ukunqanyulwa koxhaso mali kungehlisa umdlandla kuzishoshovu zomphakathi, ngenxa yezinsiza ezishodayo, ama NGO athwala kanzima uma kufanele aqoqe izinhlaka zomphakathi ukuze kudingidwe izinkinga zenhlalo. Kuphinde kubeke engcupheni izinhlelo , kanye namasu okusebenza abalulekile ukwenza izinhlangano ziphumelele.
Ukusimama kuya kwinqubekela phambili: umhlanhlandlela wokuvumela isimo
Indlela ebheke phambili kuma NGO aseNingizimu Afrika ilele ekwenzeni ngcono indlela yokusebenza kwawo ukuze asimame. Nazi ezinye zezibonelo zamanye amazu izinhlangano ezingawasebenzisa:
- Ukwenza izindlela ezihlukile zokungenisa imali: Ama NGO kumele ahlale ezihlupha ngokubheka ezinye izindlela zokungenisa imali, lokhu okuhlanganisa ukubhekisisa amathuba ezingeni lasekhaya kanye nakuzifundazwe, akhe ubuhlobo namabhzinisi azimele, nokusebenzisa indlela ye crowdfunding. Enze nokusebenza ngokubambisana nezinhlelo zokubuyisela emphakathini okungasiza ukuthi kugcine kuba nozinzo kwezezimali.
- Ukuthuthukiswa kanye nokubandakanya umphakathi: Ukugcizelela ekubandakanyweni komphakathi nobunikazi kungashintsha indlela yokuthembela kuxhaso lwamazwe angaphandle kube nezixazululo zangaphakathi. Ngokwenza izinhlelo zoqeqesho nokugqugquzela ubuholi emazingeni aphansi, ama-NGO angadala ukuthi amalunga omphakathi azizwe engabanikazi ukuze kuhambisane nezidingo zangaphakathi.
- Ukuxhumana okunempumelelo: Ukuxhumana ngendlela efanele mayelana nemisebenzi yawo kubalulekile ukuze kuhehe kuphinde kuqinise ukungeniswa kwemali ngezindlela ezahlukene. Ama NGO kumele ahlale njalo ebheka aphinde agcine ulwazi mayelana nemiphumela, Ukukhangisa ngemisebenzi yawo emiphakathini. Lokhu kwenza ukuthi kube nokwethembeka kuhehe nabatshali zimali.
- Indlela yokwenza imisebenzi ngezindlela ezintsha: Ama-NGO kumele amukele indlela entsha yokwenza imisebenzi yawo. Ahlanganise ezobuchwepheshe kanye nezinkundla zokuxhumana eqhakambisa imizamo yokufinyelela kulabo asebenzisana nazo, ukuze kwenziwe ngcono indlela yokungenisa imali kusetshenziswa indlela yokuqokelela izimali ngendlela yedigithali.
- Ukusebenisana kwama Networks: Ukusungula ukusebenzisana (coalitions) namanye ama NGO kungasiza ukwenza ngcono ukunikezelana ngezinsiza, ukusebenzisana kwezinhlangano kungahlanganisa ulwazi, amakhono, kanye nezinsiza, ngaleyondlela zikwazi ukubhekana nezidingo kanye nokuqhamuka nezindlela zokungenisa izimali ndawonye.
Sengiphetha, izinhlangano zomphakathi zisesikhathini esibalulekile, ziyakhuthazwa ukuthi zibhekisise ukunqanyulwa koxhaso mali lwe US njengendlela ebuyisela emuva kodwa futhi njengendlela yokuwakhuthaza ukuze enze ushintsho. Ubunzima kulezikhathi bekuyinto ebivele ikhona kulezinhlangano, kodwa manje sekunesidingo esiphuthumayo sokuzibophezela kabusha ekutheni zikwazi ukusimama.
Abaholi bezinhlangano zomphakathi kanye nezakhamizi kumele zihlangane zeseke lezinhlangano ngokuthi zizibandakanye kwimikhankaso yokumela ukushintshwa kwemigomo engase ikwazi ukuthi idale isimo esingcono kuma -NGO. Ukusebenza kwethu ngokubambisana kuncike emandleni okuba nombono ofanayo wokudala uzinzo emiphakathini yethu.
Sekuyisikhathi sokuthi izinhlangano zomphakathi zamukele lesikhathi sonshitsho. Ngokubambisana izinhlangano zingaqinisekisa ukuthi ziyasimama eNingizimu Afrika futhi ziphumelele kwimizamo yokwenza ngcono kanye nokuthuthukisa imiphakathi, kuphele ukwethembela kuxhaso lwezimali zangaphandle kugxilwe ezimpandeni zokuthuthukisa umphakathi. Ikusasa akulona nje lokubhekana nalezizinkinga kodwa elokubamba ithuba lokudala umphakathi onozinzo.
UDktl. Paul Kariuki unguMphathi Jikelele kwinhlangano iDemocracy Development Program (DDP) futhi ubhala lombonowakhe ngokuzimela.

