Sizwe sakithi ngiyabingelela, bantu bakithi ngithanda ukuxwayisa wonke umuntu omdala ophatha umakhalekhukhwini atholakale ezinkundleni zokuxhumana, izinkundla zokuxhumana ngobuningi bazo zigcwele imidlalo yabasebancane, akulona icala kosemdala ukutholakala kuzo ngoba zikhona izinto ezenziwayo kuzo ezidinga asebekhulile ngisho namabhizinisi uqobo ayakhangiseka kuzo kodwa uyalulazeka futhi siyehla isithunzi komdala uma esedlala imidlalo yabasebancane eseqophisana nabo ephikisana nabo kuze kuliwe .
Umuntu omdala makazazi usemdala azi la okumele agcine khona angazehlisi isithunzi ezinganeni, uma uqophisana nezingane ezinkundleni zokuxhumana ezakho ekhaya uyokwazi ukuzinika umthetho ziwulandele ? Angeke zikulalele ngoba usuzilinganise nezingane ezinkundleni zokuxhumana ngokunjalo uma omdala engasazi kumele agcine kuphi nomncane angeke azi kumele agcine kuphi ekugcineni sophikisana ngathi siyalingana besekubhubha izwe .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare

