ITechno yethule uhlobo olusha lwama Cell phone olusha lwe SPARK 10 Series

Onontanda kubukwa bazodlisela ngamafoni (Cell Phones) amasha akwa Techno ohlobo lwe SPARK 10 Series adle ngokuba ne 32MP ultra clear front camera ene Flash okhipha umbani owenza umuntu abe muhle ngempela kulabo abathanda ukwenza ama Selfie.

Umcimbi ububanjelwe enxanxatheleni yezitolo ePavillion Mall eWestville ngoLwesine lomhlaka 14 June. Lenkampani yamaCell phone izinze eChina kodwa ihweba ngawo kakhulu ezweni lase Nigeria ngoba abantu bakhona bathanda isitayela samafoni asezingeni eliphezulu.

Ngokusho kuka Michael Bratt oyisikhulu se Techno uthe loluhlobo lwama Cell phone ludle ngokuba neQuality kodwa ngenani eliphansi- phecelezi affordable but with better quality. Okunye uthi lama Cell phones adle ngokuba neBattery ekwazi ukudonsa isikhathi eside hhayi njengalana amaningi akhona adonsa usuku olulodwa bese eyaquleka umuntu agcine engasakwazi nokufonela istahandwa sakhe.

Ephetha uMichael Bratt uthe lama Cell Phone aseyatholakala ngisho ezitolo ezifana no Mr Prize, Vodacom kanye nezinye khona lapha ezindaweni eziningi zaseMzinsi.

Kanti uma ufuna ukuzidelisa ufunde kabanzi ngolimi luka Joji mayelana nalama Cell Phone ungabavakashela kwi Website yabo – official site: www.tecno-mobile.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *