Usethole umsebenzi omusha  owayengu Msakazi weVibeFm eGoli

ONGEZIWE NTONDINI

UBuyani Sibahle Zotha Masikane owumfana okhulele emakhaya aseMakhabeleni esigodini saka Masikane esesibizwa ngokuthi  iseGreytown edlala ibhola abuye  abengumlingisi (actor) esikoleni wagcina esengumlingisi uma kufundwa izincwadi efana no-Nothing but the truth ngenkathi esefunda eJohn Dube High school KwaMashu.

Kubo babebafundisa ikhono lokucula khona bezokhula be joyine ithimba lomndeni  Imithente kodwa uBuyani wazikhethela ukusakaza khona ezosakaza kwizinhlelo zika Maskandi adlale wona umculo wakubo Imthente.

Uqale ukuzijwayeza noMsakazo esedlalela  ukulingisa kwase steji endaweni yase K-cap lapho afice kukhona I-Vibe FM wagcina esezijwayeza ukuyilalela wangenela umncintiswano weVibe Fm ngenkathi  ifuna umsakazi kaMaskandi wagcina esengomunye wababili abakethwa njengoba enqobile kwabawu-300  ababengenele umncintiswano.

“I vibe Fm ingikhulisile kakhulu kwezokusakaza,  isihambisa nezindawo lasifundiswa khona ukusakaza ngagcina sengiwumhleli wezinhlelo  zeGospel nayo inqubo kaMaskandi, ngibalethela nama promoters afana no-Spar, kodwa igama ngazakhela kwi show yami yase bus eyayinabalaleli abaningi ngathola nabangani kuyona ” kusho u Masikane.

Waqala esakaza uhlelo ‘Hustle’s Corner’ okwakuyi show azenzela yona eletha abaculi abasazama wabuye wenza i-Morning  Movement engena ngo-1  ebusuku kuya ku-4 ekeseni ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu wagcina nge Vita engena ngo-12 to 3 emini Msombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ngonyaka ka-2018 ilapho ahlangana khona no Penny Ntuli efika kwi-Vibe Fm ekhuluma isingisi kwaba uyena owamsiza kakhulu  ngokwazi i-Desk nokunye ngomsakazo,ubungani babo badlondlobala bagcina sebeyohlala eGoli emva kokuthi uPenny Eqashwe i Jozi Fm esuka kwi-Gagasi Fm ngonyaka odlule.

Ubuyele emakhaya emva kokulimala edutshulwa abantu ababemphuca I-bus lakhe iVW eThekwini ngenyanga ka- October ngonyaka odlule wabe esezwa ukuthi kunesikhala sika Maskandi kwi Jozi Fm wathumela ama demo wenza ama interviews  waqashwa kuyona ishow yango Mgqibelo engena ngo 8 -11 ekuseni ebizwa nge Zigi usebenzisana naye ongu mngani wakhe u Penny Ntuli.

Oka Masikane unezinhlelo zokuyishiya i Radio eminyakeni emihlanu noma elishumi ezayo lapho esozovula isikhungo sakhe esizo fundisa izingane ngamakhono wezokusakaza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *