SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku uthi usekulungele ukwamukela izinkulungwane zabathandi bomdlalo webhola abazobe bezobukela umdlalo phakathi kwe Kaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates lapho lamaqembu ebhola lezinyawo ezobe ebanga khona isicoco seNdebe yeNedbank Cup Final eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo womhlaka-10 Meyi 2025.
Izikhulu zoMkhandlu weTheku zibambe isithangami nabezindaba ngenhloso yokuchaza kabanzi mayelana namalungiselelo omncintiswano weNedbank Cup Final. Kulesithangami bekukhona abe-Premier Soccer League (PSL), Metro Police kanye nabe-South African Police Services (SAPS, njengoba zonke lezinhlaka zizobe zisebenza ngokubambisana ukuze ziqinsekise ukuthi konke kuhamba kahle ikakhulukazi ezokuphepha.
Amasango enkundla iMoses Mabhida azovulwa kusukela kugamenxe ihora leshumi nanye (11:30am) kanti umdlalo phakathi kwe-Orlando Pirates ne Kaizer Chiefs uzoqala ligamenxe ihora lesithathu ntambama (3:30pm)
Ezokuphepha zizobe ziqaphe ngeso lokhozi njengoba amaphoyisa kamasipala weTheku (Durban Metro) kanye nabombutho wezamaphoyisa eNingizimu Afrika (SAPS) bazobe bethe chithi saka ezitaladini zedolobha ukuqapha isimo.
Isikhulu esiphezulu ophikweni lwe City Stadia uDktl. Vusi Mazibuko uthe abantu kumele bathenge amathikithi ezindaweni ezigunyaziwe ngokusemthethweni ukugwema inkinga yokuqolwa izimali. IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba naye uphinde wexwayisa abantu abavela ezindaweni ezingaphandle neTheku ukuthi baqaphele uma bebekisa izindawo zokulala njengoba kunamaqola asebenzisa lelithuba ukugebenga abavakashi ngokudayisa izindawo ezingekho.
UMasipala weTheku uphinde wakhipha isitatimende sokuthi kubo bonke abalandeli bebhola abangakwazanga ukuthola amathikithi ukuthi phansi amaphaphu njengoba iDolobha likwazile ukuhlinzeka ezinye izindawo zokubukela mahhala umdlalo okuzoba se-Albert Park kanye nase Beach Front Fan Park. Zombili lezindawo ziyovulwa kusukela ngehora leshumi nambili emini (12:00). Kanti zihleleke kahle kakhulu ukujabulisa abalandeli bamaqembu ebhola.

