USakhile Ndlovu weSK MSUTHU PROJECT PTY basiza amaciko ukupromotha umsebenzi nemicimbi

SHEILA MHLONGO

I-company isungulwe ngonyaka ka-2022 ibhaliswe ngokusemthethweni  inhloso ukwakha amathuba alula kumaciko asakhula kanye nasenegama endimeni yobuciko,okubalulekile ukuthi ekwazi ukungagileki lapho yena umsunguli ake agileka khona ngokwamaphutha agcina enza iciko liphele amandla okwenza umsebenzi walo.

Amaciko siwasiza ngalokhu okulandelayo:

Ukukhangisa  umsebenzi wabo ezinkundleni lapho kuba lula khona ukuthi bevele kubantu (marketing), Ukwengamela umsebenzi wabo sibamele lapho kunzima ukufinyelela khona nokulawula umsebenzi wabo ngendlela abafisa ngayo ukuze bengazitholi sebe sebenziseka ngokungeyikho  (artist management ), Sibasiza  ngokufaka umsebenzi wabo nakuma Radio stations kanye nasezitolo zomculo (radio submission and digital platforms distribution) kanye nokuqinisekisa ukuthi amaciko asebenza nathi ayabahambela abantu lapho bekhona beyoveza umsebenzi wabo. Sisebenza njenge service provider/supplier, sitholakala eGoli  endaweni yase Soweto naku Facebook page: sk msuthu project pty ltd naku WhatsApp/Call: 065 138 030

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *