Odokotela abayingeni eye NHI

Inyunyana yabasebenzi iSolidarity ithe ucwaningo lwayo lukhombisa ukuthi odokotela eNingizimu Afrika abazimisele ukusebenza ngaphansi kohlelo olusha lweNational Health Insurance (NHI) scheme.

Umxhumanisi womkhakha wezokwelapha weSolidarity uPeirru Marx ukhulume neNewzroom Afrika mayelana noMthethosivivinywa we-NHI ophikisanayo ophasiswe yiNational Assembly ngesonto eledlule. UMarx uthe i-NHI ngeke ikwazi ukusebenza futhi ukubakhona kwayo ngeke kuholele ekunakekelweni kwezempilo okungcono kubantu baseNingizimu Afrika.

Ukwenza ukunakekelwa kwezempilo kwangasese kube ngeke kwandise amazinga okunakekelwa kwezempilo eNingizimu Afrika. UMarx ulinganisa ukuthi ukushoda kwamanje kwabasebenzi cishe kubalelwa ku 60,000. Ucwaningo lukhombisa ukuthi odokotela bazoshiya iNingizimu Afrika uma kusetshenziswa i-NHI. Lokhu kuzokwandisa  ukushoda kodokotela ezweni.

“Ucingo lwami belukhala lingathuli selokhu kwaphasiswa lo Mthethosivivinyo, odokotela nochwepheshe bathi ngeke basebenze ngaphansi kwe-NHI”, kusho uMarx. Uthi abaningi babo bathi bazolishiya izwe.

I-Solidarity iveze inhloso yayo yokulwa noMthethosivivinywa we-NHI enkantolo njengoba bekholelwa ukuthi lo Mthethosivivinywa awuhambisani nomthethosisekelo.

 USolwazi u-Alex van den Heever waseNyuvesi yaseWitwatersrand uthe uMthethosivivinywa kahulumeni we-NHI ungathatha iminyaka engu-1 000 ukusebenza njengoba “ungawumthwalo kakhulu ukuthi ungafezwa yilohulumeni”

Uthe iziphakamiso eziqukethwe kulo Mthethosivivinywa azisebenzi ngokwezezimali. Uhulumeni uhlose ukuhlanganisa izinhlelo zokunakekelwa kwezempilo zikahulumeni nezizimele zibe uhlelo olulodwa olungakabi khona. Lokhu kuhlanganiswa okuzokwenziwa ngumnyango kuzokwenza uhulumeni angakwazi ukuqhuba izikhungo zombuso ngempumelelo, ngokusho kukaVan der Heever.

I-NHI eNingizimu Afrika isibe yithuluzi lezombusazwe leqembu elibusayo i-African National Congress ukuthola amaphuzu ezombusazwe futhi “akuyona inguquko yezempilo eyiqiniso, ebhekele intshisekelo yomphakathi”.