SHEILA MHLONGO
UHulumeni waKwaZulu-Natali uzimisele ngokuguqula isimo sokusweleka kwemisebenzi entsheni. Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uNomusa Dube-Ncube ekade ehola uhlelo lwe Career Expo ebibanjelwe eUKZN ngomhlaka 24Juni 2023.
Kule Career Youth Expo ebanjwe izinsuku ezintathu ibikade ihlelwe uHulumeni waKwaZulu-Natali ngokubambisana ne Fuze Institute kanye ne University of KwaZulu-Natali.
Kanti ibihanjelwe abafundi basema High School kanye nezinkulungwane zabantu abebevela kulesifundazwe.
Ngokwesitatimende esicashunwe ekhasini lika Facebook lesifundazwe sithi inhloso yale Career Expo bekungukuthekelisa ngolwazi intsha ukuze iqonde ngamathuba akhona okuyisiza ukuze kunqontshwe inkinga yokwesweleka kwemisebenzi.
Abafundi base maHigh School kanye nabaneziqu zasemanyvesi kanye nasemakolishi babheme bakhola ngolwazi abaluchathazelwe ababevela emikhakheni eyahlukene okubalwa phakathi kwayo:
Agriculture, Information and Communication Technology, Manufacturing, Automotive Manufacturing, Fast-Moving Consumer Retail, Maritime kanye ne Aviation okuyiyo eyizikhondlakhondla kwezomnotho.
Siqhuba isitatimende sibalule ukuthi le Expo iqondaniswe nenyanga yentsha ukuze kugcizelelwe ukuqeda inkinga yokwesweleka kwemisebenzi kuthi ngisho nentsha engaqashiwe kodwa ibe ineziqu noma izitifiketi ibheke amanye amathuba amasha okuqeqeshwa ukuze athole imisebenzi emkhakheni emisha edingwa izimboni nezinkampani.
LeExpo ibe impumelelo ngoba ikwazile ukuthi kuphinde kube nama workshop lapho kucijwe intsha ngolwazi ngamathuba emisebenzi edingeka manje.
UNdunakulu uDube Ncube uthe leCareer Expo iveze ithuba elihle kakhulu lokuthi intsha ihlangane nabanikazi bezinkampani ukuze ikhanyiseleke ngalokho okudingwa izimboni
“Maningi kakhulu amathuba akhona angatholwa intsha esiqede isikole okungaba awokuqeqeshwa ngesikhathi isebenza, graduate internship, learnerships kanye ne cadet programs ahambisana noqeqesho olunzulu, kanye namathuba emifundaze yasemanyuvesi kulabo abafunda umatric”. Kuphetha uNdunankulu uDube-Ncube.

