UMasipala umatasatasa namalungiselelo okuqala uhlelo olusha lokuthenga ugesi wekhadi olubizwa ngeSTS 6. Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi amakhasimende asebenzisa ugesi wekhadi ayakwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi ngemuva komnqamulajuqu wangomhla ka-24 Novemba 2024 lapho khona kuzoqedwa uhlelo lokuthenga ugesi wekhadi olusetshenziswayo njengamanje.
Uhlelo iToken Identifier (TID) Rollover luzoqala ngokusemthethweni ngomhla ka-1 Julayi 2023.
Ukuze kugwenywe izihibe ngesikhathi kusenziwa lezi zinguquko, uMasipala uzowuqhuba ngezigaba ezahlukene lo msebenzi. NgoJulayi, kuzoba ngamakhasimende aseWestville, eCowies Hill, eClaire Estate, naseReservoir Hills kuphela azoshintshelwa uhlelo lokuthenga ugesi.
Lawa makhasimende kuzomele avakashele ezikhungweni zikaSizakala ukuze athole inombolo ebizwa ngeKey Change Token azoyifaka emitheni likagesi. Ngemuva kokufaka le nombolo, amakhasimende azobe esekwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi wekhadi njengokwejwayelekile kubona bonke abathengisi bakagesi.
UMasipala uzowazisa umphakathi ukuthi yiziphi izindawo okuzolandelwa ngazo.
Ngemininngwane, amakhasimende angashayela u-0803 111 111

