SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, kuzwe lonke, uMnu. Velenkosini Hlabisa, useqinisekise uMengameli wezwe uMnu. Cyril Ramaphosa ukuthi uhulumeni obusa ngokubambisana kuleli- (Government of National Unity) uzokwenza isiqiniseko ukuthi konke okushiwo uMengameli enkulumweni yakhe yesizwe (SONA) kuyenzeka njengoba ethembisile.
“Mengameli ohloniphekileyo, Uhulumeni obusa ngokubambisana (GNU) uzoqinisekisa ukuthi zonke izethembiso ozenzile esizweni azibi amanga kodwa ziyafezeka njengokusho kwakho.” UHlabisa ukusho lokhu ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano emayelana neNkulumo kaMengameli yesizwe ePhalamende ngoLwesibili lomhlaka 11 Febhuwari 2025.
Amalunga ePhalamende adingide izinto ezehlukene okuhlanganisa indaba yokungaboni ngaso linye ne-USA kanye nokufa kwamasosha eDemocratic Republic of Congo (DRC) ukubala okumbalwa.
UMengameli wezwe ukhulume kakhulu ngodaba lokukhula komnotho, ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, kanye nokuncishiswa kwezindleko emakhaya.
“ Into esemqoka ubukhona bukahulumeni osebenzela abantu bakhe. Ngakho iGNU kumele ishayelwe ihlombe ngokuzibophezela kwayo ekwakheni izwe elithuthukayo, okuhlanganisa ukwethembeka, amakhona, kanye nabasebenzi abawufundele umsebenzi wabo.”
Lomsebenzi usuvele uqalile, ngaphansi kobuholi bukaNgoqngqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni kanye nezokuPhatha, uMhlonishwa Inkosi Mzamo Buthelezi.” kusho uHlabisa oqhube ngokuthi kuyamkhuthaza ukuthi uMengameli ugcizelele ukubaluleka kweqhaza labaHoli beNdabuko ukwenza ngcono ukuhanjiswa kwezidingo zabantu.
Isimo soMasipala
NjengoNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu uthi uyakuzwa ukukhala kwabantu okudalwa isimo esingesihle koMasipala ngenxa yokwehluleka ukugcina izidingo zomphakathi. “Ukulethwa kwezidingo zomphakathi kumele kwenzeke ngendlela okuyiyo.” etshela amalunga ePhalamende.
UHlabisa uthe inkinga idalwa ukungabikho kwezinsiza ezanele ezibhekene nomasipala abaningi. Futhi uthi ukholelwa ukuthi indlela esetshenziswa ukwabela omasipala izimali ayisebenzi kahle njengoba idala ukuthi kube negebe lokungalingani phakathi kwabacebile kanye nalabo abanhlwempu. Ngakho kubalulekile ukuthi kutholakale enye indlela yokwaba imali ngendlela ehambisana nezidingo zikamasipala ngamunye.
Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda
Uthi uyakwamukela okushiwo uMengameli egcizelele ukuthuthukiswa kwengqalasizinda entsha, kodwa wathi yena ngokwakhe kumele kuthuthukiswe kuphinde kulungiswe nalena evele ikhona.
“Ukuze sakhe kabusha iNingizimu Afrika, Kumele sakhe kabusha uhlelo lwezemfundo, lwezempilo kanye nolwezomnotho.” kusho uHlabisa.
Ezempilo kuhulumeni
Uphinde waphawula ngeNational Health Insurance (NHI) kodwa wabe eseveza ukukhathazeka kwakhe mayelana nokuthi izokwazi ukwenzeka kanye nokufinyelela kubantu ngendlela eyiyo.
“Uhlulumeni kumele aqinise ukwenza ngcono uhlelo lwezempilo olukhona njengamanje olubonakala lukhwelwe izinkinga zokungasebenzi kahle, ukushoda kwezinsiza kanye nabasebenzi bezempilo.”Kusho yena.
Ukukhuliswa komnotho
Uhlabisa uphinde wezwakalisa ukuthi uyakwamukela ukuzibophezela kukahulumeni ekukhuliseni amathuba omsebenzi kanye nokwenza ngcono ezomnotho
“Sesibheke ukubona ukuqala kokusebenza kwe Medium-Term Development Plan, ikakhulukazi ekuqhutshweni komsebenzi wokhulisa ukudala amathuba omsebenzi, ukunciphisa ubuphofu, kanye nokubhekana ngqo nezinga eliphezulu lempilo ebizayo.” kusho yena.
Intuthuko yezamazwe
UHlabisa uphinde waphawula mayelana ngodaba lwezindaba zamazwe angaphandle kanye nodaba olusematheni njengamanje ngenxa yomthetho ovuna ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwenkokhelo (Expropriation of Land without Compensation) wathi kuyakhathaza.
“Siyasigxeka kakhulu isenzo salabo abasemkhankasweni wokuhubhuza amanga besho izinto ezingelona iqiniso besebenza ngendlela ephambene nokwakha iNingizimu Afrika. Mengameli ohloniphekileyo, Inkatha Freedom Party iyakholelwa ukuthi kumele kube nencazelo engcono mayelana nezinto ezikulomthetho ezifana nenkokhelo kanye nokucaciswa kwegama elithi Public interest.” esho.
UHlabisa uphinde waphawula ngokuthi uNgqongqoshe uthathe isikhathi ukuhlonipha amasosha akuleli abulawe izigayigayi ze M23 ngesikhathi kuliwa esifundeni saseGoma, empini ebinzima kuliwa namasosha aseCongo.
Umbutho wamasosha aseNingizimu Afrika (South African Defence Force) uyingxenye ye Southern African Development Community Mission kanye ne Democratic Republic of Congo okuqondwe ngakho ukusiza ukubuyisela ukuthula kanye nozinzo ezwenikazi lase-Afrika.-SANews.gov.za

