UMfu. Katlego Nare
Bantu bakithi ngiyanibingelela. Sizwe sakithi akesincedisane sithole indlela zokuvimba nanku umkhuba omubi osudlangile ezikoleni ukubona amavidiyo ezinkundleni zokuxhumana izingane zilwa nabothisha.
Bazali bambisanani noThisha ukukhulisa izingane zenu uma zisekhaya yinina bazali okumele nibone okubi ezikwenzayo nemikhuba ezingena kuyo nikhuze niqinise nesandla ukwenzela ukuthi uma sezisezikoleni zikhuzwa ngabothisha zingabi namandla okuphikisana nabo .
Ungavumi ukwehlulwa yingane yakho ngoba uma ikwehlula ungakwazi ukuyiqoqa lokho kungamandla kuyo ukuthi kungabisaba namuntu oyokwazi ukuyiqoqa ngoba yehlule umzali wayo . Uma isikuhlula ingane yakho kusobala nothisha esikoleni izofuna bezwe ngayo ligotshwa lisemanzi bakithi fundisani izingane ukuhlonipha wonke umuntu omdala noma ngabe kuseskoleni, niyeke nomkhuba wokuvuna inkohlakalo yezingane niyolwa nabothisha bagcine sebesaba ukuqondisa izingane ngoba niyabalwisa .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare

