I-IFP isilulungele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo

Esithombeni: uMengameli weqembu le-IFP uVF Hlabisa

ZAMA MAJOLA

Esithangamini nabezindaba ebesiseThekwini ehhovisi le-IFP ngoMsombuluko mhlaka-21 Julayi, uMengameli weqembu le-IFP uMnu. VF Hlabisa umemezele ukuthi iqembu le-IFP selulungele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo. Udlulise nokuthi basazibophezele ekuletheni izidingongqangi ngendlela efanele kanye nokuqinisa izinhlaka zeqembu labo.  Lapho behola khona ezingeni lohulumeni basekhaya, baqaphe ngeso lokhozi ukusebenza kobuholi boMasipala babo.

Baqhakambise nokuthi oMasipala abawu-5 kwabangu-7 abathola umbiko ongenagcobho ngo-2023/24 KwaZulu-Natal beholwa yi-IFP, okuhlanganisa iSifunda iKing Cetshwayo, uMlalazi, iDolobha laseMhlathuze, uMsinga kanye noMvoti.  Lokhu okufeziwe kubonisa ukuzibophezela kwabo ekubuseni okunesibopho nentuthuko esimeme.  KoMasipala abacindezelekile, lapho bebusa khona  benze izinguquko ukuze beqinisekise ukuhlinzeka kokulethwa kwezidingo ukubusa okuhle kanye nokuzinza kobuholi.  Njengoba beqhubeka nokugcotshwa kwamagatsha ezweni lonke baguqule wonke amagatsha abo amakomiti okhetho ukuze bagxile okhethweni lohulumeni basekhaya luka-2026. “Ngenyanga ka-Agasti sizoba nomhlangano wezinsuku ezimbili lapho sizohlanganisa bonke omasipala abaholwa i-IFP ngenhloso yokuthi sifuna ukuzoshayela isipikili sokugcina sokuthi isabelomali sango-2025 kumele sisebenze kuwo wonke amaphrojekthi okuthiwa azokwenziwa kulo nyaka kube ukuthi kuphela lonyaka nawo asephelile”kusho uMnu. Hlabisa.

Banxuse nohulumeni wesifundazwe saKwaZulu Natal ukuthi aqhubekele phambili ekuqinisekiseni ukuthi udaba lwebhange i-Ithala lugcina lulungisekile ngoba leli bhange liwumgogodla wabantu abamnyama, abantu abayinxenye yemfelandawonye kanye nabeyitokofela abagcina imali yabo e-Ithala. Leli yibhange elikwazi ukufukula abantu abamnyama nabango somabhizinisi abafufusayo. “Ithala liyifagugu loMntwana wakwaPhindangene ngoba akekho omunye umuntu owasungula leli bhange ngaphandle koMntwana wakwaPhindangene, ngakho ke sizolilwela.”kwengeza uMnu. Hlabisa. Baphethe ngokuthi iqembu le-IFP lisazibophezele ekutheni lizoqhubeka lisebenzele abantu, la abanezimo ezinzima khona babe yinxenye yabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *