Ngingu Samkeh Msomi aka Mathimbilizana ozalelwe e Highlflats kwaNomageje wakhulela eThekwini Newlands West ngise-Eastern Cape njengamanje . I was diagnosed with chronic lungs desease (isifo samaphaphu) by 2019 kade ngisebenza kwa Department of Health.
Ngayeka ukusebenza ngaphila ngokuphefumula ngomshini emuva kokuba ngitahelwe ukuthi ayisekho into engenziwa ngempilo yami. Ngaba nethemba ngahamba ngabuyela e- Western Cape Province ngo- 2023 kwathi ngo-2024. Ngenhlanhla ngithole uxhaso ngathola ukunikelelwa ngamaphaphu konke kwenziwe mhla zingu-7 Juni 2024 esibhedlela i-Gruute Schuur, ngibhala nje nginezinyanga ezingu-16 nje nginamaphaphu amasha. Ngithanda ukunxusa wonke umuntu ukuthi eze azozibonela umusa kaSimakade njengoba ngiza eKZN ukuzokwethula incwadi yobufakazi enesihloko esithi “Victim to Victory” lapho ngicobelela ngohambo lwami lwempilo olunzima futhi ngigcizelela ukubaluleka kokunikela ngezitho zomzimba.

Ngoba uma umuntu oyedwa enikela angasindisa izimpilo ezingu-7. Ukwethulwa kwencwadi yobufakazi nohambo kuzoba se- Durban Corner of West kanye no-Aliwaal Street mhlaka-01 Novemba e-10th floor e-Don Africana Library endaweni ebeyaziwa nge-BP Center kudala. Singathintana WhatsApp / Call: 066 189 4865, @mathimbilizana6 naku Facebook: Samkeh Msomi.


Thank you so much 🙏🙏God bless you guys
Ameeen sisi.
Sizobe siphakathi kwiLaunch and won’t miss it for anything. Victim to Victory sizozibonela ngo” C” izimanga zikaJehova.
Ameen