UMzwe we-SIBESIDE A FUTURE PRODUCTION ufisa ukubona intsha ikhula ezifisweni zayo

Igama lami nguMzweRhBGM  from Emkhunya  ngine Company ebizwa nge SIBESIDE A FUTURE PRODUCTION eshutha ama film kanye nemicimbi, Angifisi ukubona intsha ekhulayo idlala izidakamizwa kepha ngifisa ukubabona bekhula namathalente  abo.

Engifisa ukukwenza kuleminyaka  ukuthi ngibone ikhono lami likhula njalo kune story ekade ngisenza kulonyaka  esibizwa ngokuthi:  NTOMBIKAYISI  besishuthelwa emkhunya engifisa kusibona sidlala kumabonakude kuningi  engifisa ukukwenza  ngithemba  ukuthi kuzolunga futhi  ngizokulwela njalo kanjalo  nabantu bangakithi bakhuthazeke  ngibe isibonelo esihle endaweni yangakithi, nokuthola uxhaso ngingakujabulela kakhulu sigcine siphumelela nathi kwa SIBESIDE A FUTURE PRODUCTION.

Kulonyaka ngiyafisa kuzibona ngixhumana nabanye oFilm  Makers abesezingeni elingaphezu kwami ukuze bangilekelele la kushoda khona ngiphinde ngibe nabo kuma-film festival. Engikufundile ngonyaka odlule ukuthi kumele umazi omunye umuntu ophila naye yohlezi enawe ngaso sonke isikhathi ngoba lokho kukwenza ukwazi ukuphila uphinde ukwazi kuzithola uhlonipheka ngicabanga ukuthi nomunye uyobuka nakwabanye abenza okuhle empilweni akumele uthathe izinto ezingasile uphike nazo ngoba zokubeka ethubeni lokungayi phambili.

Kulonyaka ngilindele ukuthi abalandeli bethu  bahlale njalo nami bangiseke baphinde basiphushe ukuthi senze okuhle kodwa kubona ngiyafisa kuthi ngelinye ilanga baziqhenye ngathi kuningi esazobenzela khona  sicela balandele iSibeside. Ama stories  ayatholaka kuYoutube uma ufuna kungena khona uthi: SIBESIDE TV uzowathola khona wonke ama film ethu. WhatsApp / Call: 065 738 6610 /071  512 9 194,  Facebook: mzwe BG Dumakude naku Tiktok:  Sibesidephotography01.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *