Ngingowase Hammardale eduze kwakwa Mcoyi Georgedalle ngaqala ukungena endimeni yomculo ngo-2018 ngohlobo lomculo Community Gqom ngizimisele ukuthuthukisa indawo yangakithi nokufundisa intsha ngalomculo onganakekile kwabesifazane abasakhula ngiyafisa ukuziveza endaweni kuze bangazi leligama likaShukela ngalithola ngoba lapho engifika khona ngifike nginandise.
Ngaphandle kwalokho naseNkolweni Gospel ngiyanandisa ngoba ngikhule ngayo futhi ngikhuliswe abantu abamaziyo uNkulunkulu nenhlonipho sengike ngawina ama-Awards eMlazi kuJabula Africa Music Awards 2021 neCompetition Radio 4000 Online Radio Station-2024 ngaphinda ngangenela Audition kaBabes Wodumo -2025 eBat Centre eThekwini.
Isifiso sami yilesi ukuba ngithole abantu abangangixhasa ukuze kufezeke iphupho lami ngithole ukubeka isinkwa etafuleni, ngisize nabantwana bakwethu njengoba singasenabazali ngibonga uBaba Mfundisi Khumalo wakwaNdengezi kwiKhayalentokozo wangicija ngokuningi nokuthi nokuthi ngingalilahli ithemba impumelelo isemthandazweni nasekuzikhandleni. Ofisa ukuxhumana nami WhatsApp/ Call: 061 3225 188.

