SHEILA MHLONGO
Amaqembu ezepolitiki azwakalise ukusithakasela isimemezelo sikaMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa mayelana nosuku lokhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe, oluzoba ngomhlaka 29 kuMeyi 2024. Lesimemezelo uMengameli usenze ngoLwesibili lomhlaka 20 Febhuwari.
UMengameli wenze lesimemezelo emuva kokubonisana ne-Independent Electoral Commission (IEC) okuyinhlangano ebhekele ukhetho, mayelana nosuku lokhetho, kanti uphinde waba nomhlangano nabobonke oNdunankulu bazozonke izifundazwe eziyisishagalolunye (9) zakuleli.
Lesimemezelo uMengameli usenze ngokulawulwa umthetho oku section 49 (2) woMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngokuka section 17 we-Electoral act ka 1998, elawula ukuthi ukhetho lube ngomhlaka 29 Meyi 2024 njengosuku lokhetho
Okhulumela abe-IEC Mashekgo Shiburi uzwakalise ukuthi balwamukele lolusuku ngoba kuzobasiza ukuthi babe nesiqiniseko sokuthi balungisele ukhetho, nakuba uMengameli ebengakalushicileli phansi usuku lokhetho kodwa bazoqhubeka nezinhlelo ezimayelana nokhetho oluzobe lungoluhlukile kulokhu njengoba kuzoba nabagaqele ukhetho ngokuzimela. Olunye ushintsho olubalulekile elokuthi abantu kulokhu komele bavote lapho bebhalise khona.
Njengoba lolukhetho luka 2024 luqondene nokubungazwa kweminyaka engu 30 lelizwe lathola inkululeko, uMengameli uRamaphosa unxuse abantu bakuleli ukuthi babambe iqhaza kulolusuku olubaluleke kangaka emlandweni wezwe..
Amaqembu ehlukene ezepolitiki okubalwa ele Inkatha Freedom Party, PAC, UDM, Aljamah, ANC azwakalise ukusithakasela isimemezelo sikaMengameli ngoba kuzowasiza ukuthi aqhube izinhlelo zokulungiselela ukhetho.
Kanti wonke amaqembu aphawulile azwakalise ukuthi amatasa abamba ama Manifesto awo ezindaweni ezahlukene ngezikhathi ezahlukene.

