SHEILA MHLONGO
Inhlangano eyenza umsebenzi wokuthuthukisa intando yeningi emphakathini wakuleli, iDemocracy Development Program (DDP) yethule uhlelo lokuqapha ukhetho elubiza, nge -Electoral Participation Integrity by Civil Society (EPICS),okuwuhlelo lokuqala ngqa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonkana. Loluhlelo luzosiza ukuqapha ukhetho luka 2024.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba abe DDP sithi, loluhlelo aluchemile nanhlangano yezepolitiki kodwa lusebenzisana nezinhlangano zemiphakathi (civic organisations).Kanti lwethulwe ngoLwesihlanu lomhlaka 16 Febhuwari, eMhlanga eThekwini.
Siqhuba isitatimende sithi loluhlelo lweEPICS, kuhloswe ngalo ukwenza umehluko obonakalayo kwinqubo yentando yeningi luphinde luqinisekise ukuthi yonke into ivezwa obala nangokwethembeka kukho konke okuzobe kwenzeka ngesikhathi sokhetho.
“Lesi isikhathi esibalulekile kakhulu njengoba sibheke okhethweni lukahulumeni kazwelonke”. Kusho isitatimende.
Ngokwesitatimende siyakugcizelela kakhulu ukuthi inhlangano i-DDP, isebenzisa uhlelo lwe-EPICS ukuqinisekisa ukuqapha ukuthi kube nokhetho olukhululekile futhi olungenazo izihibe, lonke ulwazi oluyotholakala ngokuqhutshwa kwaloluhlelo luyodluliselwa kwabe IEC, ukuze banikezwe ithuba lokuthi baxazulule noma yini eyobe ingahambi kahle. Ngalendlela loluhlelo luyoqinisekisa ukuthi kube nokuqashwa kokhetho okungachemile ngokwezepolitiki, okuyindima ebalulekile ukuze ukhetho lwentando yeningi lube nokwethenjwa futhi kunciphe amathuba okukhwabanisa noma kuvezwe obala izenzo zenkohlakalo uma kwenzeka ziba khona.
Lonke ulwazi oluyoqoqwa kobe kusetshenziswa ezobuchwepheshe bokuqapha ukhetho obusezingeni lomhlaba.Loluhlelo luyobe lwenganyelwe ithimba longoti abazimele abaziwa umhlaba wonke kwezobuchwepheshe bokuqapha ezokhetho.
Lesi isikhathi esibaluleke kakhulu emlandweni sokuthi siqinisekisa intando yeningi ezweni lethu elinabantu bezinhlanga ezahlukene. Singabantu baseNingizimu Afrika ngokubambisana singaqinisekisa ukuthi siba nokhetho olukhululekile oluhambisana nomthethosisekelo wezwe lethu ohlonishwa umhlaba wonke, ngawo singakwazi ukuthi sibe nokhetho olukhululekile nolungenazo izihibe.
“Umholi ohlakaniphile wake wathi, “ Kusezandleni zethu ukwenza umhlaba olungele ukuhlala bonke abantu abaphila kuwo”. Lowo mhloli kwabe kungu Nelson Mandela. Sisonke ngokubambisana singakwazi ukufeza umbono wakhe.

