Katlego Nare
Ngiyabingelela bantu bakithi enyangeni kaLwezi sesandulela ukugoqa unyaka . Ngicela ukweluleka abantu bakithi abangasebenzi okade behla benyuka kusukela uqala unyaka kuze kufike namhlanje befuna imisebenzi kodwa bangayithola, ngithi angikhuthaze yebo usuyaphela unyaka kodwa mawangaphonswa amathawula, nasekupheleni kwawo kusekhona okungavela kuzesule zonke izinyembezi zonyaka wonke ozikhalile
Khona bekungelula kuningi okwenzekile , nesithunzi sihambile ngoba vele kulomhlaba uma ungasebenzi siyahamba nesithunzi kube ngathi uyanuka , nezincingo zakho mushayela abantu ziba nesdina bangafuni nokuphendula . Kodwa ngithi uze ungalilahli ithemba noma sekusekupheleni , qhubeka ngalawomandla obugadla ngawo, isingabuya injabulo livaleke ihlazo lonyaka ngenyanga eyodwa .