SHEILA MHLONGO
Kulonyaka ngifisa ukukhuphula amasokisi mayelana nokuthi umculo wami usabalale izwe lonke kunomcimbi wengoma yezingane owenziwa minyaka yonke lapha eMgoshongweni ePhumza amaphiko umsunguli wawo uSakhile Mazibuko, kulonyaka ngibe nesifiso sokuthi nami ngibe ingxenye yawo ,ukuzoqhakambisa umculo wami ukuze bengazolokhu bebona ngiqashwa kwezinye izindawo kodwa kweyakithi bengakaze bangibona ngigiya kuyona ngiphinde ngizithobe kubahleli bemicimbi ukuthi bangalikhohlwa igama lami uma kunemicimbi.
Ukhona umsebenzi engiphezu kwawo walonyaka ozobe uvutha amalangabi. Baningi abaculi engifisayo ukusebenza nabo abanye ngishawa ukuthi ngiqhelelene ngokokuhlala nabo, abafana noMjolisi,INgonyama Yehlathi,Dulasi Magubane,Onezwa Mchunu ,kodwake bakhona abanye babo abazoba khona kulomsebenzi walonyaka.
Ngifundile ngonyaka odlule ukuthi ungabheki ukuthi kunomuntu ongakukhathalela ukuze uvelele ebantwini, unyaka odlule ubemuhle kakhulu ngoba uphethe nginezindondo ezimbili ,engiziklomele kwi KZN Namhla Community kanye ne-Imisebe yelanga awards.
Abalindele i-Ep kanye noMusic video inkinga engisabhekene nayo mayelana nabantu engiyaye ngisebenzisane nabo ukufaka umculo online kanti benza ubuqophololo, izingoma zami aziveli ezinye zi-online kodwake lokho kuzolungiseka ngokushesha okwamanje ama-USB atholakalayo.
Inamba: 076 943 0051 kanjalo naku Whatsapp, Facebook: Khathi Skhiye.

