SHEILA MHLONGO
UMsunguli wama Tembisile and Thandi Awards, u Mnu. Sifiso Ernest Nomazombelana owaziwa ngelika Roberto_86 wenze inqopha mlando lapho eklomelise khona futhi wathwesa iziqu abanye babaculi bakhe abahamba phambili kwi TATA AWARDS
Lengqophamlando engakaze yenzeka empilweni yenzeke kwindawo yase Lusikisiki Enoch Nongoma Community Hall ngomhla ka –15 February 2025. Ngenkathi abantu bebungaza inyanga yezothando kanti iTembisile and Thandi Award yona ibibungaza ezikaqedisizungu endimeni yomculo. Kulomcimbi Kuklonyeliswe amaciko amane ngokuthi adle umhlanganiso kwi Tembisile and Thandie Song of the year competition abawinile bame kanje.
NO. 1 PAT NKONYENI
R2000 Trophy ,Certificate, Medal Flowers, Newspaper article, RISA and SAMRO registration, Radio interviews and TV interview.
NO. 2 DR DIKO
R1000 Trophy ,Certificate Medal, Flowers Newspaper article ,RISA and SAMRO registration Radio interviews and Tv interview.
NO. 3 LADY N
R500 Trophy Certificate Medal Flowers Newspaper article RISA and SAMRO registration Radio interviews TV interview.
NO. 4 QUEEN BEEZ_91
R250 Trophy ,Certificate ,Medal Flowers ,Newspaper article, RISA and SAMRO Registration Radio interviews and Tv interview.
Konke lokhu ukwenze ngaphandle koxhaso kuphela ukwelekelelwa akuthole ku SOM-TWO THULANI we (kwakhanya event), MAMA NYAMEKA POSWA (MEC in the Province of EC ) and MATHANDABUZO U KHWALO (Former CMC Of Education)
Labaxhasi bangisizile kakhulu ngoba konke lokhu ngikwenze ngaphandle kwesenti ephaketheni kukubi kodwa bona bathi bazoma nami kuze kubesekugcineni. Ama TEMBISILE AND THANDIE AWARD Asungulwe ukuqhakambisa ubumbano lwama artist nxazonke zomhlaba ngoba kumanje nje isivumbulule amaciko kuyoyonke iNingizimu Afrika kuze kuyoshaya nasemazweni angomakhelwane Lesotho ,Zimbambwe, Tanzania, Nigeria, kanye neMozambique. Isiqubulo sethu sithi “We Strive For Excellent Siyamosha” . Umncintiswano walonyaka uzobanjwa ngenyanga ka September futhi uzoba yingqopha mlando engakaze yabonwa kuleli lengabade EASTERN CAPE namaphethelo. Kuthelapho sisajabulela umculo wamaCiko ehlukahlukene kwenzeka isimanga u ROBERTO ( founder ) ingena estage iphethe izindondo nemiqhele ngesikhathi kucula ubaba wase Lesotho utata Sputla negroup yakhe i-MOTHO OA MABENYENG kuchwaze izinyembezi kuwona wonke umuntu ngengqopha mlando engaka engakaze yenzeka empilweni thina akaze sakubona ubuhle obungaka emculweni ikakhulukazi yenzeka endaweni yasemakhaya ingenzeki edolobheni elikhulu.
Intokozo ibibhalwe ebusweni lapo kufika nobukhosi baMangqosini kanye neGaba Holdings bezoba yingxenye yomcimbi sibabambile eceleni nosaziwayo abaphume phambili ngokukonyeliswa nokwethweswa iziqu.

