UNdunankulu uNtuli uvalelise kuthishanhloko we-Bizimali  High School 

THOBILE MBATHA

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu. Thamsanqa Ntuli uthulele isigqoko uthishanhloko waseBizimali High School, uMnu. Ntandoyakhe Zomakahle Ntuli, ukuzinikela kwakhe emfundweni okuguqule lesi sikhungo saba yisibani sokuphumelela kwezemfundo nethemba esifundazweni.  
 
Eminyakeni engamashumi amathathu edlule, uMhlonishwa. uNtuli uhole isikole samabanga aphezulu iBizimali ekhuthaza isiko lokuziphatha  ukusebenza ngokuzikhandla nokwenza kahle. Ngaphansi kobuholi bakhe isikole besilokhu sithola imiphumela emihle ka-matric sikhiqiza abafundi abenza kahle futhi sikhuthaza abafundi nothisha ukuthi bafinyelele ezingeni eliphezulu.  
 
UNdunankulu uNtuli uzwakalise ukuthakasela amagalelo kathishanhloko wathi:  
"Ifa lomholi ovelele alikalwa kuphela ngempumelelo yabo kodwa nayimpilo abayishintshayo. Uthishanhloko waseBizimali High School uwuphethe lomgomo, waqinisekisa ukuthi abantu abasha kungakhathaliseki ukuthi basuka kuphi bathola imfundo esezingeni eliphezulu nekusasa eligcwele amathuba."
 
"Isikole samabanga aphakeme ibizimali high school sibeke isisekelo sokwenza kahle kwezemfundo okufakazela ukuthi ngobuholi obunombono, ukuzimisela, nokusebenza ngokuzikhandla ukuzinikela kwalo thishanhloko obabazekayo akugcini nje ngokusiphakamisa isikole kodwa kuphinde kwagqugquzela isifundazwe sonke."
 
ecabanga ngomthelela kathishanhloko, undunankulu untuli wengeze ngokuthi: "isibani sokukhanya esasithwelwe uMphemba sihehe abantu abaseduze nakude, bemagange ukubona lokhu kukhanya okudumile okwakhanya esizweni sonke sibonga ukuthi awubaxoshanga Bhele ukunalokho ubamukele - babone ukukhanya, bakuthatha bakusebenzisa ukukhanyisa."
 
Umcimbi wokuvalelisa ubuhanjelwe yizinhlaka ezithintekayo kwezemfundo, abafundi, nomphakathi wonkana wezikole, ukuhlonipha amagalelo amangalisayo kaMnu. Ntuli kwezemfundo kwazulu-natal.
 
 
 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *