UNobanzi Mjoji ohlala eStanger umculi we-Afro Pop emva kokuqeda uMatric ukhethe uhambo lwakhe lomculo

SHEILA MHLOMGO

Ngiwumculi we Afro-Pop ngaqala ngo-2022 ngiyawuthanda kakhulu umculo  nginesifiso sokuba ngiphumelele kulemboni yomculo ngikwazi ukujabulisa umama wami njengoba iminyaka yakhe isihambile kakhulu nokufezekisa amaphupho ami nokuthi ngikhiphe umculo owakhayo nophilisayo ebantwini.

Ingoma eyangigqugquzela kakhulu ekaNaledi ethi: ‘UNkulunkulu uzolakha icebo uzosiphendulela nathi’. ULwa Ndlunkulu, uNomfundo Moh, uFezeka noMduduzi ngifunda lukhulu kubo ngokulalela nje umculo wabo. Bathi indlela eyakwampumelelo inzima idinga ukubekezela nokulinda nokuzethemba ngiyabonga kubo bonke abanginika ithemba nabangigqugquzela mihla yonke ukuthi kuzolunga.

 Ngonyaka ka-2024 bengijwayele ukuboleka ifoni ngenze amavideo ngiposte KuWhatsApp ngenzela ukuzipromoter umculo wami ngingenayo ifoni. bengingenalo futhi ulwazi lokufaka izingoma kumadigital platforms.  Ngakho uma umuntu efuna ingoma yami bengimsendela  kodwa maduze zizobe sezitholakala abantu bekwazi ukuzi downloader. Ngiyatholakala: 0634892635/078116558,Tik-tok: Sammie M, Facebook: Sammie Mjoji, Instagram: Sammie M and nobanzimjoji96@gmail.com.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *