SHEILA MHLOMGO
Ngiwumculi we Afro-Pop ngaqala ngo-2022 ngiyawuthanda kakhulu umculo nginesifiso sokuba ngiphumelele kulemboni yomculo ngikwazi ukujabulisa umama wami njengoba iminyaka yakhe isihambile kakhulu nokufezekisa amaphupho ami nokuthi ngikhiphe umculo owakhayo nophilisayo ebantwini.
Ingoma eyangigqugquzela kakhulu ekaNaledi ethi: ‘UNkulunkulu uzolakha icebo uzosiphendulela nathi’. ULwa Ndlunkulu, uNomfundo Moh, uFezeka noMduduzi ngifunda lukhulu kubo ngokulalela nje umculo wabo. Bathi indlela eyakwampumelelo inzima idinga ukubekezela nokulinda nokuzethemba ngiyabonga kubo bonke abanginika ithemba nabangigqugquzela mihla yonke ukuthi kuzolunga.
Ngonyaka ka-2024 bengijwayele ukuboleka ifoni ngenze amavideo ngiposte KuWhatsApp ngenzela ukuzipromoter umculo wami ngingenayo ifoni. bengingenalo futhi ulwazi lokufaka izingoma kumadigital platforms. Ngakho uma umuntu efuna ingoma yami bengimsendela kodwa maduze zizobe sezitholakala abantu bekwazi ukuzi downloader. Ngiyatholakala: 0634892635/078116558,Tik-tok: Sammie M, Facebook: Sammie Mjoji, Instagram: Sammie M and nobanzimjoji96@gmail.com.

