Bekukuhle kudelile umndeni wakwaMokoena eMayville uvula umuzi ubonga nomzukulu ngokuthola iziqu zemfundo ephakeme

SHEILA MHLONGO

Umama uDelly abamazi ngoBhanoyi ehambisana neJuba lakhe elaziwa nge Chicken Bhuquza ubenze umcimbi wokuvula umuzi kanye nokubungaza umzukulu wakhe   Umfana uLuThando Zondo  wase Cator Manor othweswe imiyezane ye-Diploma in Business Management  eDUT  ophinde azibophezele kakhulu ekudlaleni soccer ball.

“Besiqala ngqa ukuba nesifundiswa kulelikhaya njengoba mina ngingalitholanga ithuba lokufunda ebusheni bami.”Kusho umama uDelly obechichima injabulo, owengeze ngokuthi ingakho bembonge ngokumhlabela inkomo ethi mo! Bebonga ukuhlonipha kanye nokuziphatha kahle kugogo nomkhulu wakhe nakuba abazali bakhe sebashona.

UMam Delly uphinde wabonga owayeyiKhansela uNkk.Mpume Chamane ngenxa yeqhaza lakhe alibambile emlekelela ukuze umcimbi ube yimpumelelo, waphinde wabonga iKhansela lamanje uMadlokovu kanye nomakhelwane bakhe endaweni.

“Ngicela uNkulunkulu amuphe umsebenzi awufundele umzukulu wami, ngiyabonga kubobonke ababe nathi. ”Kuphetha umama uDelly ongafisa ukusiza ngomsebenzi nangamathuba akhona engamthinta whatsApp/Call: 061 2551  988.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *