ONGEZIWE NTONDINI
Inkundla entsha yezemidlalo yesimanje isivulwe ngokusemthethweni eMangosuthu University of Technology (MUT), ngenhloso yokukhuthaza ukuzivocavoca, ubungqabavu kanye nokubambisana phakathi kwabafundi nomphakathi Emlazi.
Lenkundla entsha izokwazi ukusetshenziswa yizigaba ezahlukene zomphakathi, okuhlanganisa abafundi, izikole ezizungezile kanye namaqembu endawo. Kuyaziwa ukuthi ihlanganisa izinkundla zezemidlalo eziningi ezifana nebhola likanobhutshuzwayo, ibasketball, i-netball, i-volleyball kanye nezindawo zokugijima nezokuzivocavoca.
Umphathi waseMUT uthe lesi sinyathelo siyingxenye yomgomo wesikhungo sokuvula izinsiza zaso emphakathini, nokudala amathuba okuthuthukisa impilo nokukhuthaza intsha ukuthi ibandakanyeke emidlalweni. “Sifuna ukubona iMUT ingesiyo nje indawo yokufunda kuphela kodwa ibe yindawo yokuhlangana, ukuzijabulisa nokukhulisa ubumbano,” kusho yena.
Abahlali baseMlazi bakushayele izandla lokhu kuvulwa kwenkundla bethi kuzosisiza kakhulu ngoba imidlalo idlala indima ebalulekile ekugwemeni izidakamizwa nasekuthuthukiseni impilo enhle. “Lena yinto esiyidingayo njengentsha, indawo ephephile lapho singazivocavoca khona futhi sigweme izinto ezingalungile,” kusho omunye wabahlali.
Lenkundla ihambisana nohlelo lukahulumeni lokuthuthukisa ezemidlalo ezikoleni nasemiphakathini, oluhlose ukuvula amathuba emisebenzi nokukhulisa indima yezemidlalo phakathi kwentsha yaseNingizimu Afrika.

