ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnu. Francois Rodgers, usethembise u-R295 million emnyangweni wezeMfundo esifundazweni esibhekene nezinkinga zokuqinisekisa ukuthi izivivinyo zikamatikuletsheni zihamba kahle. Esithangamini nabezindaba ebesihlangene eMgungundlovu, uRodgers umemezele ukuthi u-R281bn uzosetshenziselwa ukweseka uMnyango, wengeza ngokuthi imali eyengeziwe evela kuMgcinimafa Kazwelonke isendleleni.
“Le mali engu-R295m izosetshenziselwa ukucubungula amaphepha ezivivinyo zika-matric kanye nokukhokhela abamakayo kanti enye imali izosetshenziselwa noma yiziphi izindleko ezikhokhwayo kulungiselelwa izivivinyo,” kusho uRodgers. Muva nje, uMnyango wezeziMali esifundazweni usize umnyango ekukhokheleni imigomo ehambisana nokusebenza kwezikole okuyisisekelo.
URodgers uzwakalise ukukhathazeka ngezigidigidi zamarandi ezisetshenziswe ukunxeshezelwa kwabasebenzi (COE) nothisha abayizipoki. “Sithole ukuthi baningi othisha abasule emnyangweni kodwa basahola,” kusho uRodgers. UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnu. Sipho Hlomuka uthe bajabule ngoxhaso abaluthole kuMgcinimafa wesifundazwe. UHlomuka uthe basebenza kanzima ukuzama ukuguqula isimo somnyango. Banethemba lokuthi bazoshintsha isimo.
“Sizilungele izivivinyo hhayi kwa-matric kuphela kodwa kuwo wonke amanye amakilasi,” usho kanje. Umgcinimafa wesifundazwe usungenelele ngokulawula ukusetshenziswa kwemali komnyango wezemfundo ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi yonke into izihamba kahle.

