ZAMA MAJOLA
Uhulumeni uzigxekile zonke izinhlobo zokuhlasela ngokomzimba noma ngamazwi okuqondiswe kunanoma yimaphi amaphoyisa. “Lezo zenzo ziwubugebengu futhi ziyajeziswa ngokomthetho, zibeka engcupheni abantu abafungelwe ukuvikela imiphakathi kanye nokuphepha komphakathi,” kusho iPhini lomkhulumeli kahulumeni uWilliam Baloyi. Lokhu kulandela i-video yakamuva ekhombisa amaphoyisa ehlaselwa eKimberley eNorthern.
Udlulise nokuthi ukuhlaselwa kwephoyisa kuwukuhlasela umthetho uqobo, kubukela phansi uzinzo nokuphepha komphakathi wethu futhi kucekela phansi imigomo yenhlonipho nokuziphendulela okuyintando yeningi lethu. Ugcizelele nokuthi ukuhlonipha abomthetho akukona ukuzikhethela, kungumsebenzi womphakathi futhi kuwumgogodla wokuhleleka komphakathi. Ube esenxusa zonke izakhamizi ukuthi ziziphathe kahle nangenhlonipho uma zixoxisana nabezomthetho, ikakhulukazi njengoba sekusondele isikhathi samaholidi kaKhisimusi. “Amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ujabulela isikhathi samaholidi aphephile futhi anokuthula.
Ukuphepha nokuvikeleka kwawo kubalulekile, kumele akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngaphandle kokwesaba ukuhlaselwa noma ukusatshiswa,” kusho uBaloyi. Wengeze ngokuthi amaphoyisa asebenza nsuku zonke, ngaphansi kwezimo ezinzima neziyingozi, ukuvikela imiphakathi, ukunqanda ubugebengu kanye nokubhekana nezimo eziphuthumayo. UBaloyi unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqinisekise ukuthi isikhathi samaholidi sihambisana nokuphepha, ukuzibophezela nokuhloniphana phakathi kwezakhamizi nalabo abazivikelayo.

