Injabulo kuNelisiwe ethweswa isicoco kowe Durban Gospel Icon

SHEILA MHLONGO

Kube injabulo yodwa kwintokazi engu Nelisiwe Sikhosana ngesikhathi ithweswa isicoco emva kokuzidlela umhlanganiso emncintiswaneni we Durban Gospel Icon Discovery, emcimbini obubanjelwe eDurban International Convention Center (ICC) enkabeni yeTheku ngeSonto lomhlaka 11 Juni 2023.

Lentokazi yaKwaMashu inqobe lomncintiswano we GID kade iqophisana nezintokazi ezimbili okungo Sindi Ngidi ophume isibili kwathi Neliswa Dlamini yena waphuma isithathu kulomncintiswano obusezingeni eliphezulu.

Ngesikhathi emukela umklomelo wesheke lakhe lika R50,000 uNelisiwe ubonge kakhulu Uphiko lwe Parks, Recreation and Culture ngaphansi kukaMasipala weTheku ngokumnika ithuba elihle kangaka njengoba ethole iRecord deal futhi uzophinde acijwe iCiko eselimkatshubovu endimeni yezomculo. Lentokazi ingena endimeni yezomculo weGospel ngegiya eliphezulu.

Abebencintisana noNelisiwe okungo Nksz Ngidi kanye noDlamini nabo abahambanga ekaMabuyaze ngoba nabo bazitholele imiklomelo yemali ehambisana nezinye izipho.

“Ngiyabonga kakhulu kuMasipala weTheku ngalelithuba elihle kangaka, ukuwina lomncintiswano kuzongithatha kungibeke ezingeni eliphezulu”. Kusho uNelisiwe echichima injabulo.

USikhosana ubeqophisana neningi labantu abasha abebegaqele lesicoco se GID ngesikhathi kuqhutshwa uhlelo lwenhlolo khono (talent search) ebihlelwe uMasipala weTheku phakathi kwenyanga ka Mashi no Ephreli nonyaka.

UMqondisi Jikelele Ophikweni lweze Parks, Recreation and Culture ngaphansi kukaMasipala weTheku, uDktl. Simphiwe Ndlovu, uzwakalise ukuthi kubathokozisile kakhulu ukuklomelisa umculi kowe GID. Waphetha ngokuthi lona ngunyaka weshumi kwasungulwa lomncintiswano.

“Siyaziqhenya ngethalente esinalo lapha eThekwini futhi kuyabonisa ukuthi intsha yethu iyadinga ukunikezwa amathuba okuziveza”. Kuphetha uNdlovu