Mabalekelelwe abantu abasha ngoba bayikusasa lesizwe

Ngiyabingelela sizwe sakithi kuseyiyona inyanga yabantu abasha , ngithi angikhumbuze isizwe sakithi ukuthi, inkunzi isematholeni okusho ukuthi ikusasa lesizwe lilele kubantu abasha yingakho ngigqugquzela ukuthi masibanakekeleni . Isikhathi intsha esikhula kusona asisafani nezikhathi zakudala, abadala abakhulu kuzona, indlela zokuphila sezaguquka kakhulu nengcindezi yanda ekukhuleni komuntu.

Akuselula kuwo wonke umuntu omusha ukufezekisa amaphupho akhe ngoba ziningi izingqinamba esihlangana nazo siyintsha yalesisikhathi, ngakho siyakudinga ukubekezelelwa, nokulalelwa kahle, siphinde sixhaswe kukho konke esikwenzayo kanye nokuboniswa ngendlela elungile .

Bantu abadala yiphatheni kahle intsha ukuze isizwe singashabalali. Abanye bagcwele emikhubeni emibi badla izidakamiswa nazo zonke izinto ezimbi abanye bashushumbisa ngemizimba hayi ngoba bekhohlakele kodwa ngoba bengazange banakwa bathola izeluleko ezinhle.

Kubuhlungu ukubona ubaba osemdala futhi eshadile elanda ingane esafunda mhlawumbe ugrade 12 eskoleni aye nayo endaweni zokuphumula ayolala nayo ngoba esazi zithanda imali nezinto ezimnandi izingane zanamhlanje, njengomuntu omdala bekungamele athathe lelothuba alisebenzise ukwenza inkohlakalo kodwa bekuyithuba lokubonisa ukuthi buyini ubudala.

Asibalekeleleni abantu abasha sibabonise indlela enhle yokuphila sibasize nokulandela kahle izifundo zabo ukuze babe nekusasa eliqhakazile, emphakathini abanye esinabo bafundile bahlezi emakhaya neziqu zemfundo masibalekeleleni ukuthola amathuba emisebenzi kanti abanye banamakhono abanawo masibalekeleleni ukuthola amathuba okuwasebenzisa abalethele impumelelo.

Uma ungumzali yonke ingane ohlangana nayo emgwaqweni noma ungayizali yithathe njengeyakho. Masingakhohlwa asenzeli muntu lokho kodwa senzela ikusasa lesizwe sethu nemindeni yethu . Mabalekelelwe abantu abasha ngoba bayikasasa lesizwe .

Obhalayo umfundisi Katlego Nare