NKOSIE NTOMBELA
Intaka ibekelwe amazolo kumgubho wabantu abasha esigodini sakwa Mgai eMzinto.Indumezulu yedili lezemidlalo ebizwa ngokuthi i Dream Cup ekuzobe kuyihlandla lesithupha kulonyaka ibakhona.
Kwinyanga yabantu abasha iNtatheli ye KZN Namuhla ike yahambela lendawo ngenhloso yokuzozifikela bukhoma njengoba kuke kwaba indawo ebenezigameko ezehlukene ebezithinta inhlalakahle yomphakathi wakulendawo lapho kuke kwangaba nalo uzinzo, ezemidlalo okuyizo esezihlanganisa lomphakathi oseNingizimu Nesfundazwe SakwaZulu Natali.
Kwingxoxo ekhethekile nomhleli we Dream Cup uSabelo Jwara ukugcizelele ukunyuka kwezinga kulonyaka njengoba unyaka nonyaka kubanabadlali abaqhubekela kwisgaba esilandelayo sezemidlalo. USabelo uthe uyaziqhenya ngokuthi i Dream Cup isikhiqize abadlali abadlala kumaqembu amakhulu okubalwa kubo uNtathu Mbelu ogijima kwi Baroka FC edlala kwiligi enkulu owatholwa kuwo lomqhudelwano obanjelwa kwesikaMvenya isgodi.Aphinde wakugcizelela umhleli walomqhudelwano uthe lemdlalo isidonse nabavakashi kulendawo nezikhulu zebhola abazigcina bezibuka kumabonakude kodwa sezifika bukhoma zizobuka ithalente endaweni abafisayo ukuthi ngolunye elinye lamaqembu endawo idlale kwilogi enkulu ngenxe yethalente elikhona kulendawo.
Okuhlalukile lemidlalo uJwara bazihlanganisele beyintsha yasendaweni abanabo abaxhasi kodwa bathatha kwabanako ukuze kuthuthuze ezemidlalo endaweni abakhulele kuyo nathe kuyamthokozisa ukuthi konke kumi ngomumo kulindelwe usuku lisuke lihlale enkundleni.
Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu kube intokozo yodwa ngoba kuboshelwe amaqembu adlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu. Imidlalo yonke izoqala ngezi 16 Juni 2023 imi kanje
*Towers FC vs Sisonke FC
*Damaras FC vs Sweepers FC
*ND United vs Sonti United
*Diski Lovers vs Cheetahs FC
*Ntshontsha FC vs Citezen FC
*Y2K FC vs Mgayi United
*West Ham FC vs France FC
*Wolvers FC vs Try Again
Iqembu eliyodla umhlanganiso lizohlomula indebe eseqophelweni eliphezulu njengoba kuwumgubho wesithupha seloku yaqala i Dream Cup. Imidlalo izosongwa ngezi 18 June 2023 ngesonto.

