SHEILA MHLONGO
IMeya kaMasipala weTheku, uKhansela Cyril Xaba, uhlanganyele nobuholi bakwaTransnet echwebeni laseThekwini, ukuzozibonela ukusayinwa kwesivumelwano sokusebenzisa i-Liquefied Petroleum Gas (LPG)Terminal Operator entsha. I-WASSA CEF SOC Ltd Joint Venture, yaqokwa njengomqhubi othandwayo wetheminali ye-LPG endaweni yase-Island View.
IMeya uXaba ihalalisele iTransnet kanye nomfakisicelo onconyiwe, okuyinkampani ephethwe abantu abamnyama engu-100% kanye nama-82% yabesifazane ngokufinyelela iqophelweni elibaluleke kangaka wengeze ngokuthi le phrojekthi, ezoqalwa ngo-2027, izothuthukisa isikhundla seTheku njengendawo ehamba phambili yezamandla kanye nempahla esifundazweni.

