
Isithombe: UMasipala waseThekwini uklomelise abangu-28 abasemikhakheni yezobuciko, amasiko, amafilimu nethelevishini ngaphansi kwezinhlelo zawo ze-Grant-in-Aid kanye ne-Film Development, uqinisekisa futhi ukuzibophezela kwawo ekukhuliseni umnotho wezobuciko waseThekwini, ekuthuthukiseni amathalente nasekudaleni amathuba emiphakathi.
Imikhakha yezobuciko, amasiko namafilimu eThekwini ithole umfutho omkhulu njengoba uMasipala waseThekwini unikeze uxhaso kubahlomuli abangama-28, okuqinisa ukuzibophezela kwawo ekuthuthukiseni amathalente obuciko, ukulondoloza amagugu amasiko kanye nokukhulisa umnotho wezobuciko wedolobha.
Lolu xhaso lunikezwe emcimbini obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngaphansi koHlelo Lwezibonelelo Zobuciko NamaSiko (Arts and Culture Grant-in-Aid Programme), i-Micro Budget Film Fund kanye ne-Film Development Fund kaMasipala.
Lezi zinhlelo zakhelwe ukunika amandla izinhlangano ukuthi zifeze izinhlelo ezikhuthaza ubuciko obuseqophelweni eliphezulu, ukuthuthukiswa kwamathalente, ukudalwa kwamathuba emisebenzi kanye nokukhula komnotho okusimeme.
Izabelo zoxhaso bezisukela ku-R100 000 kuya ku-R1.2 million, kuye ngobubanzi, isilinganiso kanye nomthelela wentuthuko wamaphrojekthi avunyiwe.
Abahlomuli bakhethwe ngenqubo eqinile yokwahlulela kulandela isimemo somphakathi sokufaka izicelo.
Lokhu kuqinisekise ukuthi uxhaso luqondiswe kumaphrojekthi abonisa umthelela obonakalayo, ukusimama kanye nokuhambisana nombono kaMasipala wokwakha umkhakha wezobuciko namasiko ophilayo, obandakanya wonke umuntu futhi ochumayo.
USihlalo weKomidi Lezinsizakalo Zomphakathi, uKhansela Zama Sokhabase, uhalalisele abahlomuli futhi wagcizelela indima ebalulekile edlalwa imikhakha yezobuciko, amasiko namafilimu ekulondolozeni amagugu, ekukhuthazeni ubumbano lomphakathi, ekudaleni amathuba emisebenzi nasekubekeni iTheku njengendawo ehamba phambili kwezamasiko nobuciko.
“Sikhuthaza bonke abahlomuli ukuthi basebenzise lezi zinsiza ngendlela efanele, balethe izinhlelo ezinomthelela omuhle futhi baqhubeke nokugqugquzela ushintsho oluhle emiphakathini abayisebenzelayo. Sibheka lolu xhaso hhayi njengosizo lwezimali kuphela, kodwa njengotshalomali olubalulekile kubantu, emiphakathini nasekusaseni leDolobha lethu,” kusho uKhansela Sokhabase.
Ekhuluma egameni labahlomuli, umsunguli wenhlangano iKwaMashu Community Advancement Projects, uDkt Edmund Mhlongo, uzwakalise ukubonga kuMasipala waseThekwini ngokutshala kwawo imali okuqhubekayo emkhakheni wezobuciko.
“Sikubonga kakhulu ukwesekwa nguMasipala. Lolu xhaso luzokwenza izinhlangano zikwazi ukuqhubeka nokuthuthukisa amaciko nabanye abasebenza kwezobuciko, ukulondoloza amagugu amasiko kanye nokudala amathuba anomthelela emiphakathini. Ukuzibophezela kukaMasipala kukhombisa ukuzethemba enanini nasemandleni omkhakha wezobuciko,” kusho uDkt Mhlongo.
UMasipala uyaqhubeka nokuzibophezela ngokuqinile ekwesekeni izinhlelo eziqinisa umnotho wezobuciko futhi ezinikeza amaciko, abenzi bamafilimu kanye namathalente asafufusa amathuba okuchuma.
Ngalezi zinhlelo zoxhaso, uMasipala waseThekwini uyaqhubeka nokutshala imali kumaphrojekthi anegalelo ekuthuthukisweni komphakathi, ekukhuleni komnotho nasekukhuthazeni ubunikazi bamasiko acebile aseThekwini.
Top of Form
Bottom of Form

