Amaphoyisa asenxuseabemboni yamatekisi ukuba ibe amanxusa okuthula ngesikhathi kuqhubeka imbhikiso elwisana nabokufika abangenazo izimvume zokuba kuleli

Abombutho wamaphoyisa -SAPS abe yingxenye yomkhankaso weHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnu Thami Ntuli owaziwa ngokhuthi engangeni ngesango iyafohla lapho bekudingidwa khona ngenkinga edalwa abokufika abangenazo izincwadi zokuba kuleli

IBamba leKhomishana Kazwelonke Yamaphoyisa, uLieutenant General Puleng Dimpane, ngoLwesithathu lomhlaka 24 Juni, linxuse imboni yamatekisi, eyinsika yezokuthutha umphakathi eNingizimu Afrika, ukuba iqinisekise ukuthi usuku lwango-30 Juni 2026 luhamba ngendlela ejwayelekile futhi ingabambi iqhaza ekuvinjeni kwemigwaqo noma ekwesabiseni abagibeli.

“Sibanxusile ukuthi baqhubeke nokuthutha abagibeli. Sibanxusile ukuthi imigudu yokuhamba ihlale ivulekile. Siyacela ukuthi benqabe noma yiziphi izingcingo zokuvimba imigwaqo, ukwesabisa abagibeli noma ukuphazamisa impilo yomphakathi,” kusho uLieutenant General Dimpane.

Lokhu kuza njengoba iSouth African Police Service (SAPS), isebenzisana nezinye izinhlaka zomthetho okubalwa kuzo amaphoyisa kamasipala kanye nezinkampani zonogada abazimele, isikulungele ngokuphelele ukubhekana nemibhikisho ehlelelwe umhla zingama-30 kuJuni.

Le mibhikisho ihlelwe yinhlangano yomphakathi iMarch and March kanye namanye amaqembu anentshisekelo, ihambisana nezimemezelo eziqhubekayo ezinxusa abantu bokufika abangekho emthethweni ukuba bashiye iNingizimu Afrika, okwenze amaphoyisa aqinisa amalungiselelo awo okusebenza.

ULieutenant General Dimpane ubekhuluma ngemuva komhlangano neSouth African National Taxi Council (SANTACO) ePitoli.

“Kungalesi sizathu sinxusa zonke izinhlangano zamatekisi, bonke abanikazi bamatekisi, opharetha kanye nabashayeli ezweni lonke ukuthi baqinisekise ukuthi umhla zingama-30 kuJuni uqhubeka njengosuku olujwayelekile lwebhizinisi,” kusho yena.

IBamba leKhomishana Kazwelonke liphinde lanxusa imboni yamatekisi ukuthi ingavumeli izigebengu zisebenzise imboni yamatekisi ukwenza izenzo ezingekho emthethweni.

“Siphinde sacela iSANTACO ukuthi yengeze izwi layo elinamandla emkhankasweni okhulayo wokugqugquzela ukuthula, ukuzibamba nokuhlonipha umthetho.

“Sinxuse ubuholi beSANTACO ukuthi budlulisele umlayezo ocacile kuyo yonke imboni yamatekisi wokuthi akumele kube nodlame egameni lemboni yamatekisi.

“Umlayezo esifisa ukuwuzwa kuzo zonke izindawo zamatekisi, kuzo zonke izinhlangano zamatekisi nakubo bonke opharetha bamatekisi uthi: ‘Akukho ukuvalwa kwemigwaqo emikhulu neminye imigwaqo. Akukho ukwesabisa. Akukho udlame. Akukho ukucekelwa phansi kwempahla. Akukho ukuphazamiseka kwezokuthutha zomphakathi,’” kusho yena.

UDimpane uthe ngomhlaka-30 Juni umnotho waseNingizimu Afrika kufanele uqhubeke nokusebenza ngendlela ejwayelekile.

“Siyazi ukuthi iningi labanikazi nabashayeli bamatekisi bangabantu abahlonipha umthetho futhi abasebenza kanzima nsuku zonke ukuhlinzeka ngenkonzo ebalulekile. Ngakho-ke siyabanxusa ukuthi bangazivumeli badonselwe ezenzweni ezingabeka izimpilo zabantu engcupheni noma eziphazamisa uzinzo lwezwe,” kusho uDimpane.

Uthe imiphumela yokungazinzi ithinta kakhulu abantu abavamile baseNingizimu Afrika.

“Sikubonile lokhu phambilini. Uma imigwaqo ivaliwe, abasebenzi abakwazi ukufika emisebenzini. Uma ezokuthutha ziphazamiseka, abafundi abakwazi ukufika ezikoleni. Uma amabhizinisi evala, abantu balahlekelwa yimithombo yabo yokuziphilisa. Uma kuqubuka udlame, abantu abangenacala bayahlupheka,” kusho yena.

Unxuse imboni yamatekisi ukuba ibe amanxusa okuthula.

“Siyakhuthazwa impendulo enhle esiyithole kubaholi beSANTACO namuhla kanye nokuzibophezela kwabo ukuxhumana nezinhlaka zabo ezweni lonke.

“Sikholelwa ukuthi imboni yamatekisi inendima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuthi ukuthula kuyagcinwa nokuthi imiphakathi iyazinqaba izingcingo zodlame nokungahleleki. Sizovikela amalungelo omthethosisekelo alabo abafisa ukubhikisha ngokuthula nangokuhambisana nomthetho,” kusho yena.

UDimpane uxwayise ngokuthi noma yimiphi imizamo yokuvimba imigwaqo, ukwesabisa abagibeli, ukulimaza ingqalasizinda, ukuphazamisa izinhlelo zezokuthutha zomphakathi noma ukwenza udlame izobhekwana nayo ngokushesha nangokuqinile.

“Ngakho-ke sinxusa wonke umnikazi wetekisi, wonke umshayeli, wonke umqondisi wolayini, bonke abaholi bezinhlangano zamatekisi kanye nabo bonke abagibeli ukuthi bahlanganyele nathi ekuqinisekiseni ukuthi umhla zingama-30 kuJuni ukhunjulwa njengosuku lokuthula, lokuzibophezela nokuzinza,” kuphetha yena.– SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *