
Unkosazane Silindile Tshali odabuka ezilalini zaseNgqeleni esifundazweni i- Eastern Cape
Unkosazane Silindile Tshali odabuka ezilalini zaseNgqeleni esifundazweni i- Eastern Cape ofunde imfundo yakhe yamabanga aphansi esikoleni eMvilo Junior Secondary School.
Wasephothula umatikuletsheni eSandi Senior Secondary School ngonyaka ka 2021.
UTshali usefanise impilo yokuba umahlalela nokuba sebuthongweni ekusho lokhu efakazisa ngokuthi uma usebuthongweni usuke uphakathi koku-fa nokuphila ngoba kungenzeka uvuke futhi kungenzeka ungavuki. Uma ungasebenzi uyaye uzixolele ngokuthi hlampe kwenza ngoba awufundile bese kuba nzima kakhulu uma ungasawutholi umsebenzi usufundisiwe. Uqhube wathi ngenkathi ethweswa iziqu zemfundo ephakeme ze bachelor of commerce kwi Business Management Walter Sisulu University ngonyaka ka 2024 wabe enethemba lokuthi uzoshintsha isimo sasekhaya esabe singesihle neze njengoba beye bakhuliswa abazali abangathathi-ntweni nje.
Uchaze indawo yangakubo njengendawo egcwele intsha ekhungethwe wububha, ukwentuleka kwamathuba emisebenzi nokwenza kudlange ubugebengu, ukukhulelwa kwezingane zisencane kanye nokucwila kwentsha ezidakamizweni, uthi lesisimo asidingi nje uhulumeni kuphela kepha sifuna nokuzibophezela kwentsha ekuqhamukeni nesisombululo, kubuyiswe ithemba entsheni kudalwe namasu okulwisana nalolubhubhano oludalwa kakhulu wububha. uTshali ukholwa ukuthi intsha ingumgogodla weSizwe ngakho ukubhubha kwe-ntsha kusho ukubhubha kweSizwe njengoba umphakathi ubeke ithemba lawo entsheni, intsha esilahlekelwe yithemba neyentula amathuba ithembele entsheni njengayo ezobatakula uma bethola amathuba kanti ngakolunye uhlangothi nohulumeni uthembele entsheni ukubamba iqhaza ekuthuthukisweni komnotho wezwe, uchaze isimo sakhe wase ecela kunoma ngubani ozofinyelela kuloludaba ukuba alekelele ekutheni athole umsebenzi.
uSilindile uthe intsha yango 1976 ubona sengathi ayikutholi ukuhlonishwa ekufanele ngeqhaza eyalibamba eminyakeni engamashumi amahlanu (50) eyedlule, lapho ukhale ngokuthi intsha yanamhlanje ikholelwa ekwenzelweni yonke into, ukuza kancane kohlelo lukahulumeni lokudala amathuba athuthukisa aphinde ahlomulise intsha bese kuba yinkohlakalo edla lubi kwezepolitiki nakuhulumeni nebuyisela emuva inkululeko eyasetshenzelwa kanzima, njengamanje sibona uhulumeni emosha izimali ezishisiwe elungisa izinkinga zangaphakathi okunokuba kulungiswe ingqalasizinda efile kuphinde kudalwe namathuba kuhanjiswe nezidingo emphakathini ikakhulukazi wasezindaweni zasemakhaya.
Ube esephonsela uhulumeni inselelo ngezimali ezisetshenziswe kusungulwa amakhomishana afana noMadlanga commission, AD Hoc committee kanye ne Impechment committee. Uthi uhulumeni kumele abonise isizwe ukuthi lena akusiyona nje indlela yokuxhaphaza imali yabakhokhi bentela nokukhohlisa isizwe ukuze sibone sengathi kukhona okwenzekayo wathi kumele asondeze bonke abathintekayo endaweni ebafanele, abakhiphe baphele ezinhlakeni zikahulumeni angagcini nje ngokubamisa emsebenzini bebe beqhubeka nokuhola bengenzi lutho. Uphinde wagadla kuhulumeni wesifundazwe wathi kungumsebenzi wakhe ukuthutukisa umnotho wesifundazwe ngakho uma umnotho ushona phansi kepha intsha igcwele emajoyintini ngenxa yokwantuleka kwamathuba okuthuthukisa amakhono ngokunjalo nawomsebenzi kuzomele kusolwe yena, ukukhula kwesibalo solusha oluziqhelelanisa nokuvota kanye nokubamba iqhaza emihlanganweni yemphakathi kuzinkomba zokuthi intsha izibona ishawa ngesithende ekubambeni iqhaza kuhulumeni, lokhu okufakazelwa zibalo ezishaqisayo eziveza ukuthi ingaphezu kuka 160 000 intsha ebanjelwe iziqu zayo emanyuvesi ngenxa yokukweleta inhlangano ebhekele isikhwama sokuxhasa abafundi (Nsfas) naye ovele ngekhanda ezikweletini njengoba ekweleta imali elinganiselwa ku R2 Billion nokushiya umbuzo othi kuhlosweni ngalabo bafundi abathunyelwe ezikoleni uma sekumele bayofuna umsebenzi base bebanjelwa amaphepha azobasiza ukuthi beqashwe?
Unxuse intsha engasebenzi njengaye ukuba ukuba ingaliphosi ithawula wathi uqonda kahle ukuthi kwenzekani emqondweni womuntu oswele umsebenzi nathe kulula ukuphenduka isisulu lapho osomathuba besebenzisa ukuhlupheka kwakho ukufezekisa izidingo ingakumbi uma ungumuntu wesifazane uzizwa wehlelwa yisithunzi ugcine usuzivalela endlini kumbe uzinikele ezidakamizweni ngenhloso yokuqeda isithukuthezi nomzwangedwa. Ubonge ithuba alitholile njengoba ezobhekisa amabombo KwaZulu Natal ukuyobamba iqhaza kwennye inhlangano yomphakathi ebizwa nge Sandl’esiphyo egqugquzela I Leadership Development entsheni. Baqeqesha intsha kwezamabhizinisi, ibalungiselele ukuqala umsebenzi iphinde ibafunele nemisebenzi, ama learnership, bursaries, interships njll. Kulenhlangano angunobhala kuyo uzosiza kakhulu ezintweni ezithinta imarketing nokukhuliswa kwamakhono kulenhlango. Uthi okumhlaba umxhwele ngokuba yingxenye yalenhlangano enomlando omuhle kangaka ukuthi ngeke enze umahluko ezimpilweni zolusha lwakwaZulu Natal kuphela kepha nentsha yase Eastern Cape izohlomula ngenxa yokuba khona kwakhe. Uncome kakhulu uhlelo lwalenhlangano lwangonyaka ka 2024 esafunda lapho inhlangano yanikela ngemifundaze okwahlomula kuyo intsha engu 105 neyakwazi ukubeka isinkwa etafuleni isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha. Endaweni yasemakhaya afana naseNgqeleni.
Ephawula ongumama kaSilindile, uNks Nomfundo Tshali uveze ukuthi ubakhulise kanzima abantwana bakhe ebamba eyeka ngoba efuna bafunde ukuze bezozitholela inkululeko kwezezimali kepha kunzima kakhulu manje ingane isihluphekela umsebenzi nemfundo yayo lokhu kukushiya nombuzo wokuthi ukephi umahluko ekufundiseni ingane nokuzihlalela ekhaaya nayo uyondle ize iguge uma izocela kumzali noma isifunde yagogoda.
Indlala akuyona inkinga kakhulu kepha ukulahlekelwa yithemba yikho okuyingozi enganeni ngoba ingagcina seyizifaka kuzo zonke izinto ezenziwa ezinye izingane ngoba zizama ukubalekela ingcindezi yokuhlekwa ozakwabo abangaphumelelanga ukuyoqhuba izifundo zabo ngalesosizathu sibona izingane eziningi ezikhuliswe kahle emakhaya zigcina zikhohlwa yindlela ezikhuliswe ngayo, uveze ukuthi akulula ukuhlukana nengane yentombazane kodwa ayikho into angayenza ngoba uma isekhaya izogcina isiyenza izinto ezingalungile njengokuzinikela kubafana, ukuziphonsa ophuzweni oludakayo nokuqhela ekukhonzeni uthixo, uphethe ngokuthi into emqinisa idolo ukuthi usemazi isikhathi eside uMfundisi uNgcobo weSandl’esiphayo.
Uphethe ngokucela uhulumeni ukuba axhase izinhlangano zomphakathi ngaphandle kwemibandela enzima ngoba yinkulu indima edlalwa yizo emiphakathini ngokunikela nangokugcina intsha ibamba iqhaza iphinde ithuthukise amakhono ngenkathi isalinde ukuqashwa. Uma kukhona ongafisa ukuxhumana noSilindile ngokomsebenzi noma ngokunikela enhlanganweni Isandl’esiphayo angamfonela enombolweni ethi:
Secretary: 064 023 4071

