Uhlelo lokubhalisa amabhizinisi omkhakha we-Hair &Beauty Salon luzokwenza ngcono ukusebenza ngokomthetho  kukhule nomnotho

Isithombe: Bekugcwele phama futhi kubonakale ukubambisana okukhulu ngesikhathi kwethulwa uHlelo LukaMasipala waseThekwini Lokubhaliswa Kwamabhizinisi Ezindawo Zokulungisa Izinwele Nobuhle eHholo laseMlazi ngoLwesine. Izithombe: Nonjabulo Chamane

Bangaphezu kuka-600 abanikazi bezindawo zokulungisa izinwele nobuhle (Hair and Beauty Salons) , abaqhubi bamabhizinisi kanye nababambiqhaza kulo mkhakha abasabele kahle ohlelweni loMkhandlu kaMasipala waseThekwini oluhlose ukwenza lo mkhakha ube semthethweni futhi uqiniswe. Ukusabela ikhwelo  kubonisa ukubaluleka kokuthuthukisa ukuhambisana nemithetho ngesikhathi kuvulwa namathuba okukhulisa amabhizinisi kulo lonke iDolobha.

NgoLwesine  lomhlaka-25 kuJuni, uMasipala wethule ngokusemthethweni Uhlelo Lokubhaliswa Kwamabhizinisi Ezindawo Zokulungisa Izinwele Nobuhle (Hair and Beauty Salons) eHholo laseMlazi V-Section ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukusekela Ukuhambisana Nemithetho Nokubhaliswa Kwamabhizinisi.”

Lolu hlelo luhlose ukusungula isizindalwazi esibanzi samabhizinisi ezindawo zokulungisa izinwele nobuhle, ukukhuthaza ukuhambisana nemithetho, kanye nokuhlonza izindawo ezidinga ukwesekwa ukuze la mabhizinisi asebenze ngokusemthethweni, ngokuphepha nangendlela esimeme.

Lolu hlelo luyingxenye yokusetshenziswa koMthethosivivinywa Wokunikeza Amabhizinisi Izimvume (Business Licensing Bylaw), owamukelwa uMkhandlu Ophelele ngo-2024 waqala ukusebenza ngo-2025. Lo Mthethosivivinywa wethula imigomo yokubhaliswa kwezindawo zokulungisa izinwele nobuhle, uqaphela lo mkhakha njengomunye wabanegalelo elikhulu emnothweni wendawo.

Ukwethulwa kwalolu hlelo kuhlanganise abanikazi bamabhizinisi kanye nababambiqhaza embonini, abathole ulwazi olubalulekile ngezindaba eziningi ezihlobene nemithetho kanye nokuthuthukiswa kwamabhizinisi. Lokhu kubandakanye izidingo zokuthola izimvume, ukuphathwa kokusetshenziswa komhlaba, ukuphepha emlilweni, ezempilo yemvelo, ukuphathwa kwemfucuza, imithetho ephathelene nokuhweba emigwaqweni, kanye nezinsiza zokweseka amabhizinisi ezinikezwa yiDurban Chamber of Commerce and Industry. Izikhungo zezezimali nazo bezikhona ukuzokwazisa ngamathuba oxhaso lwezimali nokusiza osomabhizinisi ekuvuleni ama-akhawunti asebhange.

Ekhuluma nabebehambele lo mcimbi, uSihlalo weKomidi loMkhandlu LezokuThuthukiswa Komnotho Nokuhlelwa KweDolobha, uKhansela Thembo Ntuli, uchaze lolu hlelo njengengqophamlando ebalulekile ekuqiniseni omunye wemikhakha yezomnotho ephila kakhulu eDolobheni.

“Imboni yezokulungisa izinwele nobuhle idlala indima ebalulekile ekwakheni amathuba emisebenzi, ekukhuthazeni osomabhizinisi, nasekunikeni amandla abantu besifazane kanye nentsha. Ngalolu hlelo lokubhalisa, asigcini nje ngokwakha isizindalwazi esithembekile samabhizinisi kuphela, kodwa futhi sivula amathuba okwesekwa okuqondiswe ngqo, ukuthuthukiswa kwamakhono, kanye namathuba omnotho esikhathini esizayo.

“Inhloso yethu ukuqinisekisa ukuthi abanikazi bamabhizinisi ezindawo zokulungisa izinwele bayabonakala, bayahambisana nemithetho, futhi bakwazi ukwakha amabhizinisi aqhubekayo anegalelo elibonakalayo emnothweni wendawo,” kusho uKhansela Ntuli.

Ubuye wathi ukwenza amabhizinisi abe semthethweni kuzokhulisa ukuzethemba kwamakhasimende, kukhuthaze izindlela zokuhweba ezinobulungiswa, futhi kuthuthukise amazinga ezempilo yomphakathi kanye nokuphepha kuwo wonke lo mkhakha.

Ngemuva kokwamukelwa kahle kwalolu hlelo, umkhankaso wokubhalisa uzonwetshwa kwezinye izifunda zaseThekwini ngoNtulikazi njengoba uMasipala uqhubekisela phambili imizamo yokweseka ukwenza amabhizinisi abe semthethweni, ukwandisa ukubamba iqhaza kwezomnotho, kanye nokudala amathuba emisebenzi.

Abanikazi bezindawo zokulungisa izinwele nobuhle bangabhalisa amabhizinisi abo emahhovisi eSifunda eBusiness Licensing atholakala kulezi zindawo:

  • Embassy Building, eThekwini CBD
  • Isikhungo saseVerulam Sizakala
  • Isikhungo saseWinkelspruit Sizakala
  • Isikhungo Sesifunda sasePinetown
  • Isikhungo saseNtuzuma Sizakala, eMidway Crossing

Bangaphezu kuka-600 abanikazi bamabhizinisi kanye nababambiqhaza abebekhona kulesi sithangami, esigxile ekuqiniseni ukuhambisana nemithetho kanye nokuxhumanisa amabhizinisi nezinsiza zokuthola izimvume, uxhaso lwezimali kanye nokwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi.

UMasipala uzonweba lo mkhankaso wokubhalisa kwezinye izifunda zaseThekwini ngoNtulikazi.

Ukuze uthole olunye ulwazi, thumela i-imeyili ku licensing@durban.gov.za noma ushayele ku 031 311 4535.

.

Top of Form

Bottom of Form

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *