Babalelwa cishe ku-3million abantu bakuleli abasabele ikhwelo lokubhalisela ukuvota kanye nokuvuselela imininingwane yabo

Isikhulu Esiphezulu se-IEC, uMn Sy Mamabolo,ethula umbiko mayelana nesibalo sabantu baseNinigizimu Afrika abaphumelele ukuthi babhalisele ukuvota  

IKhomishini Yezokhetho Ezimele (IEC) ithe abantu baseNingizimu Afrika basabele ukhwelo  lokubhalisa nokuvuselela imininingwane yabo yokuvota ngaphambi kokhetho loHulumeni Bezindawo lwango-2026, njengoba kubhaliswe isibalo  esingu-2.9 ngesikhathi sempelasonto yokubhalisa abavoti ebingomhlaka 20-21 Juni .

Isikhulu Esiphezulu se-IEC, uSy Mamabolo, sithe inani labantu abaphumile liyisibonakaliso sokuzibophezela okuqinile nokuhlala isikhathi eside kwesizwe ekubambeni iqhaza okhethweni.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli ngoMsombuluko, uMamabolo uthe iKhomishini ifinyelele izinhloso ezimbili ezibalulekile ngale mpelasonto yokubhalisa abavoti, okuhlanganisa ukukhula okuqhubekayo kohlu lwabavoti kanye nokwanda kwentsha ebhalisayo.

“Ezinsukwini ezimbili zokubhalisa abavoti, iKhomishini iqophe izenzo zokubhalisa ezifika kuzigidi ezi-2.9. Lokhu kuwukwenyuka uma kuqhathaniswa nezigidi eziyi-1.7 ezabhaliswa ngesikhathi esifanayo ngaphambi kokhetho lwango-2021,” kusho uMamabolo.

Uthe umkhankaso oqhubekayo wokuqinisekisa ukuthi bonke abantu abafanelekile baseNingizimu Afrika bayabhaliswa futhi babelwa izifunda zabo zokuvota ngendlela efanele usukhuphule inani labavoti ababhalisiwe laba yizigidi ezingama-28.5.

“Uma sibheka kahle, uhlu lwabavoti olwasetshenziswa okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe lwango-2024 lwalunezigidi ezingama-27.7 zabavoti. Phakathi kwezikhathi zokhetho, uhlu lwehla ngabavoti abangaba ngu-34 000 ngenyanga, ikakhulukazi ngenxa yokushona kwabantu. Ngenxa yalokho, kusukela okhethweni lwango-2024, abavoti abayizigidi eziyi-1.3 basuswa ohlwini.

“Ukukhula kohlu lwabavoti kudalwe, phakathi kokunye, ukusebenza kahle kwama-Voting Management Devices (VMDs), athuthukise kakhulu isivinini sokucutshungulwa kwezicelo zokubhalisa, kanye nokusetshenziswa kalula kwengosi yokubhalisa eku-inthanethi,” kusho yena.

IKhomishini iphinde yancoma amaqembu ezepolitiki, abaholi bemiphakathi kanye nabazongenela ukhetho ngemizamo yabo yokusiza abantu ukuthi babhalise ngokusebenzisa ingosi ye-inthanethi kanye naseziteshini zokubhalisa.

UMamabolo uchaze ukuthi kulezi zenzo zokubhalisa eziyizigidi ezi-2.9, abantu abangu-477 174 babhalise okokuqala ngqa, okuyi-16% yomsebenzi wonke wokubhalisa, kanti abantu abahlolile noma bavuselela imininingwane yabo bangu-2.4 million, okuyi-84% yomsebenzi wonke.

“IKhomishini ikhuthazekile ngokusabela okuhle kwabantu abasha. Intsha eneminyaka ephakathi kuka-16 no-29 ibe negalelo lezibalo eziyi-785 078 emisebenzini yokubhalisa, okuyi-27% yezigidi ezi-2.9 zokubhalisa.

“Kulaba abangu-785 078, abesifazane bangu-59% kanti abesilisa bangu-41%. Intsha iphinde yahola esigabeni sababhalisa okokuqala. Kubantu abangu-477 174 ababhalise okokuqala, abangu-379 767 noma u-80% bayintsha eneminyaka ephakathi kuka-16 no-29.

“Lezi zibalo zikhombisa ukuthi umkhankaso oqondiswe entsheni uyamukeleka kubantu abasha futhi ziphikisa umbono wokuthi intsha ayinandaba nezindaba zokhetho,” kusho yena.

UMamabolo uthe ama-VMDs eziteshini zokubhalisa abe yindlela esetshenziswe kakhulu, njengoba abantu abangaphezu kwezigidi ezi-2.5 (88%) bekhethe ukuya eziteshini zokuvota.

“Ngakolunye uhlangothi, abantu abangu-362 296 (okungu-12% womsebenzi wokubhalisa) basebenzise ingosi yokubhalisa eku-inthanethi. Intsha eneminyaka ephakathi kuka-16 no-29 ibe ngu-48% walabo abazibhalisele yona ku-inthanethi. Lokhu kuhambisana nesimo esikhombisa ukuthi intsha iyona esebenzisa kakhulu le ndlela yokubhalisa,” kusho yena.

Izifundazwe ezibe nenani elikhulu lokubhalisa zihambisana nezindawo ezinabantu abaningi. KwaZulu-Natal kube nesibalo esiphezulu sabantu abangu-691 504 (23%), kulandele iMpumalanga Kapa ngabangu-534 773 (18%), kwathi iGauteng yaba nabangu-502 229 (17%).

UMamabolo uthe isamba sokuvakashelwa kwewebhusayithi ye-IEC phakathi nalezi zinsuku ezimbili sifinyelele ezigidini eziyi-12.

Izakhamuzi ezingakabhalisi zikhunjuzwa ukuthi i-Online Voter Registration Portal izoqhubeka nokutholakala kuze kube usuku lokumenyezelwa ngokusemthethweni kokhetho loHulumeni Bezindawo lwango-2026. – SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *