
Isithombe: Ithimba le-UKZN Cricket Club elinqobe kuma-USSA Games.
• Abafundi base-UKZN baphume phambili kowe-KwaZulu-Natal Cricket Union Awards.
• Le miklomelo igqamise isizini eyimpumelelo ye-UKZN Cricket.
• I-UKZN ithe le miklomelo ikhombisa isiko lokwenza kahle nokuzimisela kwethimba.
Abafundi baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) baphume njengabanye babanqobi abahamba phambili kowe-KwaZulu-Natal Cricket Union (KZNCU) Awards yaminyaka yonke, behlwitha eminye yemiklomelo ehlonishwayo kulo mcimbi.
Lo mcimbi ububanjelwe e-Hollywoodbets Kingsmead Stadium ngempelasonto edlule, lapho kugujwe khona ukusebenza okuvelele nokujula kwethalente le-Hollywoodbets Dolphins Cricket esifundazweni sonke ngesizini ka-2025/2026.
Abafundi abahlomule ngemiklomelo kubalwa uKamran Naraidu, owine imiklomelo emibili ye-Player of the Season kanye ne-Bowler of the Season kuDolphins Academy; uDylan Hullet, owahlonishwa nge-Batter of the Season kuPremier League; kanye noBlake Simpson, oqokwe njenge-Batter of the Season kuSecond Division.
UMphathi we-UKZN Cricket Club, uKershan Govender, naye uphumelele ukuthola umklomelo ngenxa yempumelelo yakhe evelele kuma-University Sport South Africa (USSA) Games abebanjelwe eGrahamstown ngonyaka odlule.
Ephawula ngomklomelo wakhe, uGovender uthe: “Bekuyinjabulo enkulu ukukhuphuka esiteji ngiyolanda lo mklomelo. Ukuqashelwa yinhlangano ephethe ikhilikithi esifundazweni kuwumuzwa ongachazeki futhi omangalisayo kakhulu.”
UGovender uthe i-UKZN Cricket Club ithuthuke kakhulu phakathi nesizini, yafinyelela kuma-semi-final omqhudelwano we-KZN Cricket Union T20 futhi yaqeda endaweni yesine ku-KZN Cricket Union 50 Over League.
Uncome abadlali ngokukhula nokuthuthuka kwabo, wancoma uNaraidu noSimpson ngokukhethwa kwabo ukuyodlala ku-Cricket South Africa (CSA) Colts Tournament, kanti uHullet ungene ku-KZNCU Dolphins Academy.
UGovender uthe abafundi bazizwa behloniphekile ngokuhlonishwa yi-KZNCU njengoba lokhu kuwubufakazi bokuthi ukusebenza kwabo kanzima kuyathela izithelo. Uphinde waveza ithemba lokuthi iqembu lizowina imiqhudelwano ye-USSA kanye ne-KZNCU Premier League ngesizini ezayo.
UMqondisi Omkhulu woPhiko lweCorporate Relations e-UKZN, uDkt Normah Zondo, uhalalisele abafundi nabasebenzi ngokukhombisa ubuhle emdlalweni nokumela kahle i-UKZN ezingeni lesifundazwe nelikazwelonke.
“Sidlulisa ukuhalalisela kwethu okuqotho kubadlali nomphathi we-UKZN Cricket Club ngemiklomelo abayitholile kanye nempumelelo yabo eqhubekayo ezingeni lesifundazwe nelikazwelonke. Lokhu abakuzuzile kukhombisa ukuzinikela okuqhubekisela phambili ukukhula kwekilabhu futhi kuqinisa isithunzi se-UKZN njengenye yamanyuvesi ahamba phambili kwezemidlalo eNingizimu Afrika. Siyaqiniseka ukuthi le mpumelelo izogqugquzela impumelelo enkulu nakakhulu eminyakeni ezayo njengoba siqhubeka nokukhiqiza abafundi abangabadlali abanamakhono futhi abenza kahle ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” kusho uZondo.
Top of Form

