I-Durban Metro Police yamukele izicelo zomsebenzi ezingu-62 000 njengoba  kuqala unyaka ka-2026

Esithombeni intsha efake izicelo oPhikweni lweMetro Police ekade ihlolwa ngokomzimba- IZITHOMBE ZITHUNYELWE

SHEILA MHLONGO

UPhiko lwaMaphoyisa eMetro eThekwini usuqalile ngokusemthethweni uhlelo lokuqasha lwango-2026, lapho ukuhlolwa ngokomzimba kwenziwa khona eLahee Park, ePinetown, ngezigaba ezahlukene ngenxa yenani elikhulu labafake izicelo.

Isigaba sokuqala siqale ngomhlaka 5 -9 Januwari , kanti isigaba sesibili sizohlolwa mhla zi-5 kuFebhuwari 2026.

Sekwamukelwe izicelo ezingaphezu kuka-62 000, eziye zacutshungulwa, zahlungwa, kwase kukhethwa abazohlolwa ekugijimeni nasekuqiniseni umzimba, okuyisidingo esibalulekile enqubweni yokuqashwa kwaMaphoyisa eMetro eThekwini.

Ukuqashwa kwango-2026 bekubhekiswe kuphela kwabafake izicelo abavela eDolobheni laseThekwini, futhi izicelo bezilethwa mathupha ukuze kuqinisekiswe ukungafihli lutho nokuba sobala kwenqubo.

Njengoba ezinye izivivinyo ziqhubeka, amaphoyisa eMetro aqinisekisile ukuthi kuzoba nokulingana ekwamukelweni kwabazoqeqeshwa phakathi nezinyanga ezintathu zokuqeqeshwa, kanti kulindeleke ukuthi abazophumelela baqale ukusebenza ngoMeyi 2026.

IDolobha liyaqhubeka nokuzibophezela ekugcineni amazinga aphezulu okuphepha nokuvikeleka ezindaweni zokuhweba nasezindaweni zokuhlala, ngokusebenzisa uPhiko lwaMaphoyisa eMetro.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *