I-SANRAL imemezele ukukhushulwa kwenani lemali elikhokhwa kume toll gates

I-South African National Roads Agency SOC Limited (SANRAL) imemezele  ukubuyekezwa kwamanani akhokhwa kuma Toll gates (toll tariffs) osekuvele kuqale  ukusebenza mhlaka-01 Mashi 2026.

“Amanani emali ekhokhwa emgaqweni  akhuphuke ngamaphesenti  angu-3.12% ngonyaka, njengoba kushicilelwe ku-Government Gazette yangomhla zi-5 Febhuwari 2026. Lelinani liphansi kunokwenyuka kuka-4.85% ngonyaka odlule,” kusho le nhlangano ephethe imigwaqo.

Lamanani abuyekezwa minyaka yonke ngokuhambisana ne-Consumer Price Index (CPI) etholakala ku-Statistics South Africa (Stats SA).

IMenenja Jikelele Yezokuxhumana Nokumaketha kwa-SANRAL, uVusi Mona, uchaze ukuthi imali eqoqwa ezinteleni zomgwaqo ibalulekile ekunakekeleni, ekusebenziseni nasekuthuthukiseni imigwaqo enezintela, kanye nasekukhokheni izikweletu ukuze kuqalwe amaphrojekthi omgwaqo.

“Le mali isiza kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi i-SANRAL iyafeza umsebenzi wayo yokuletha ingqalasizinda yemigwaqo esezingeni eliphezulu enezela inani ezimpilweni zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika,” kusho uMona.

Uphinde wathi ingqalasizinda ebalulekile yomnotho, njengohlelo lukazwelonke lwemigwaqo, iyisidingo esiyisisekelo ekuhlinzekweni kwezinsiza ezifana nogesi, amanzi, indle, ezokuxhumana kanye nezokuthutha komphakathi. Ngakho-ke, lolu hlelo lwemigwaqo kumele luhlangabezane nezidingo zezimboni, ezohwebo kanye nemizi yabantu.

“Siyazwelana nabantu baseNingizimu Afrika uma kubhekwa isimo somnotho esikhona njengamanje. Nokho, kubalulekile futhi ukwethula lokhu kulungiswa ukuze siqhubeke nokuletha imigwaqo ephephile nesemazingeni aphezulu ukuze kuzuze bonke abasebenzisi bomgwaqo,” kusho yena. -SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *