IPhalamende ligubha iminyaka engu-30 yoMthethosisekelo

SHEILA  MHLONGO

USomlomo wePhalamende Likazwelonke uThoko Didiza uncome uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika njengesisekelo sempumelelo yentando yeningi ezweni, ngesikhathi enxusa izakhamuzi nabaholi ukuthi babhekane nezinselelo eziqhubekayo futhi basize ekwakheni ikusasa elinempumelelo le-Afrika.

Ekhuluma engqungqutheleni ebigubha iminyaka engama-30 yoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ePhalamende eKapa ngoLwesihlanu lomhlaka 22 Meyi, uDidiza uthe lo mcimbi ubuyingxenye yomgubho wesonto lonke woSuku lwe-Afrika futhi unikeze ithuba lokubheka uhambo lomthethosisekelo wezwe kanye nendlela intuthuko yase-Afrika eqhubeka ngayo.

Uthe uSuku lwe-Afrika alugcini ngokuba usuku lokukhumbula kuphela, kodwa luyisikhathi sokuthi izwekazi libheke ukuthi selifinyelele kuphi ekufezeni “i-Afrika esiyifunayo”.

UDidiza ugqamise izinhlelo ezibalulekile ze-African Union okubalwa kuzo i-New Partnership for Africa’s Development (NEPAD), iLagos Plan of Action kanye ne-Agenda 2063, njengemigomo ebalulekile ebeke isisekelo sokumelana nobunzima kwezomnotho, intuthuko kanye nokuhlanganiswa kwezwekazi.

Uphinde wancoma umsebenzi wePhalamende lasePan-African ekwakheni imithetho eyisibonelo esisize ekuvumelaniseni izinhlaka zomthetho emazweni ase-Afrika.

“Lapha eNingizimu Afrika, njengoba sicabanga ngoSuku lwe-Afrika, sikwenza lokhu ngesikhathi sigubha iminyaka engama-30 kusukela izwe lashicilela uMthethosisekelo, okuwumthetho ophakeme owabeka isisekelo sentando yeningi yomthethosisekelo yaseNingizimu Afrika esiyifunayo,” kusho uDidiza.

Le ngosi, ehlelwe ngokubambisana neNyuvesi yaseNingizimu Afrika (UNISA), ihlanganise izifundiswa, abalwela amalungelo abantu, intsha, osomabhizinisi nabakha izinqubomgomo ukuze baxoxe ngezinselelo zesimanje ezibhekene ne-Afrika kanye nendima yezikhungo zentando yeningi ekwakheni ikusasa lezwekazi.

Ngokusho kukaDidiza, lo mbuthano unikeza inkundla yokuhlola uhambo lomthethosisekelo waseNingizimu Afrika, okubalwa impumelelo kanye nezingqinamba ekuphathweni kwentando yeningi, ukwethembeka kwezikhungo kanye nokwethembwa ngabantu.

Ekhuluma ngendlela izwe elafinyelela ngayo entandweni yeningi, ulandise ngemvelaphi yoMthethosisekelo, ecaphuna izigameko zomlando ezifana neFreedom Charter kanye neHarare Declaration, ezasiza ukuchaza umbono nezimiso ezagcina sezisetshenziswa ekwakheni isivumelwano somthethosisekelo.

“Sekuyiminyaka engama-30 ngaphansi kombuso wentando yeningi, sesakhe izisekelo zezikhungo eziqinile ebeziyisisekelo sezwe esasifisa ukulibona,” kusho yena.

UDidiza uphinde waveza impumelelo yePhalamende ekwakheni imithetho, indima yezinkantolo ezizimele, izinhlaka zomthethosisekelo kanye nomphakathi ekulondolozeni amalungelo abantu, kanye nezinhlelo zikahulumeni ezihlose ukubhekana nezinselelo zenhlalo nezomnotho.

Uvume negalelo lezifundiswa nabacwaningi ekuletheni izinguquko ekuphathweni kwezwe nasekusizeni abakha izinqubomgomo baqonde umthelela wezenhlalo nowezomnotho wemithetho.

Nakuba ebugubha intuthuko eseyenziwe, uSomlomo ugcizelele ukubaluleka kokuthi kuqhubeke ukubhekwa izinselelo ezibhekene nentando yeningi yaseNingizimu Afrika.

Uveze ukuzethemba kwakhe ukuthi le ngosi izoletha imibono ebalulekile yokuthi izwe lingabhekana kanjani neminyaka engama-30 ezayo lisagxile ezimisweni nasemagugwini oMthethosisekelo. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *